AYITHI vu i-ANC namadlelandawonye ayo KwaZulu-Natal, ngesinqumo se-ANC kuzwelonke sokunyakazisa ubuholi base-KZN naseGauteng ngokushaya udaka okhethweni lwangongoMeyi, wanyakenye.
Lokhu kulandela okushiwo nguNobhala Jikelele wale nhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, okhiphe umyalelo ocacile ukuthi akekho okumele aphawule ngodaba lokunyakaziswa kobuholi kulezi zifundazwe ngaphandle kwakhe.
UMbalula uthe akafuni kukhulunywe izinto ezizoshayisana njengoba kuyima kuzohlangana ikomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwe-ANC, ukuze linqume ngendlela ezosetshenziswa uma sebunyakaziswa lobu buholi.
Abaholi baziswe ukuthi bazokwazi ngesonto elizayo indlela ezosetshenziswa bese kujutshwa amalungu esigungu esiphezulu, okuyiwo azobe echazela amagatsha nezifunda indlela okuzokwenziwa ngayo lolu hlelo.
Esithangamini sabezindaba izolo, eThekwini, emuva komhlangano wamadlelandawonye e-ANC, okuyi-Sanco, Cosatu, SACP nayo i-ANC, uNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Bheki Mtolo, uthe ngeke bakhulume ngalesi sinyathelo.
“Ubuholi obuphezulu yibona obuzophefumula ngalolu daba njengoba kunqume isigungu esiphezulu senhlangano. Asifuni ukuthi kube nokuphambana kwemiyalezo kulolu daba,” kusho uMtolo ngamafuphi.
NoNobhala wamaKhomanisi e-KZN, uMnuz Themba Mthembu, uthe okwamanje ngeke baphefumule ngalolu daba ngoba abazi nokuthi ikuphi le nhlangano ezokwenza kuzwelonke ngobuholi base-KZN.
“Sizolinda kuze kuphothulwe lolu hlelo lwe-ANC, ngoba asazi ukuthi yini le abazobe beyenza. Kuseva ukuthi singasheshe siphawule ekubeni singakaboni ukuthi ikuphi abazokwenza, sizophawula uma sekucaca ukuthi yikuphi okuzokwenziwa,” kusho uMthembu.
Isolezwe lithole ukuthi bekunomhlangano wokuhlelela irali ezoba ngoFebhuwari 2, lapho okuzobe kugujwa iJanuwari 8, eba minyaka yonke.
Le rali kulindeleke ukuthi ibe sezinkundleni zemidlalo KwaCaluza, eMgungundlovu.
Kwenzeka lokhu nje, uMbalula uphakamise ukuthi kume ukwenziwa kwale micimbi kulezi zifundazwe zombili, kuze kuphothulwe uhlelo oluzokwenziwa wubuholi bukazwelonke.
UMbalula wakuveza ukuthi bashaywa banaba ubuholi base-KZN yiqembu eliholwa ngowayengumengameli we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma.
Wabuye wakhala nangokuthi amagatsha ase-KZN afana nento engekho, yingakho kudingeka ukuthi kwenziwe okuthile ukulungisa isimo kulesi sifundazwe.