ZIZOPHENDUKA omantunta nendishi izitshudeni ezikhokhelwa izindawo zokuhlala yisikhwama i-National Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), uma singabakhokheli omastende abathi bakweletwa imali yanyakenye.
Inhlangano i-Private Student Housing Association (PSHA), inxenxe i-NSFAS ukuthi ikhokhe uma ingafuni ukubona izitshudeni zilala emnyango.
Isitatimende esikhishwe yinhlangano, sithe omastende bayo bahlinzeka izitshudeni ezevile ku-80 000 ngonyaka ngendawo yokuhlala.
Isikhulu esiphezulu senhlangano uMnuz Kagisho Mamabolo, sithe minyaka yonke isikhwama siyahluleka ukukhokha imali egcwele ezindaweni ezigunyazile.
“Omastende abangaphansi kwe-PSHA bakweletwa u-R44 million yi-NSFAS. Le mali eyangonyaka odlule. Uma imali ingakhokhwa ezinsukwini ezingu-14, izitshudeni zizozithola zingenayo indawo yokuhlala uma sezibuya. Lokhu kuzophazamisa izifundo zazo,” kusho uMamabolo.
Uthe ukungakhokhelwa komastende kwenza bangakwazi ukubhekela lezi zindawo ngendlela efanele.
“I-NSFAS iyasixhaphaza. Sikhathazekile ngezitshudeni kodwa akukho esingakwenza uma isikhwama singakhokhi.”
Uqhube wathi i-NSFAS isanda kutshela omastende ukuthi benze umusa bahlalise mahhala izitshudeni kule nyanga.
“I-NSFAS ayibacabangeli omastende ngoba ayibakhokheli ngoDisemba nangoJanuwari. Siyazama ukuxhumana ne-NSFAS kodwa kunhlanga zimuka nomoya ngoba izingcingo aziphendulwa kanjalo nama-emails.”
Uveze nokuthi isikhwama asikakuvezi nokuthi sizokhokhela isitshudeni malini kulo nyaka ngezindawo zokuhlala.
“Okwamanje isitshudeni sikhokhelwa u-R50 000 ngonyaka. Sifuna ukwazi ukuthi manje izonyuswa yini le mali njengoba kuke kwaba nokukhala kwezinye izikhungo ukuthi ayenele.”
Okhulumela i-NSFAS uMnuz Ishmael Mnisi, uthe omastende abangakhokhelwe kumele babathumele uhlu lwezitshudeni ezihlala ezindaweni zabo, ukuze bathumele abacwaningi abazobheka futhi baqinisekise lokhu.
Uthe bafuna ukuthola ukuthi izitshudeni zikhokhelwa yibona yini noma ezifunda ezikhungweni zemfundo ephakeme kodwa ezizikhokhelayo.
“Asikwazi ukumane sikhokhe singazi noma sikhokhela umuntu oxhaswa yithina noma ngumuntu esingamxhasi. Imali yabakhokhi bentela ngakho asikwazi ukumane senze umathanda ngayo ngoba singangena enkingeni,” usho kanje.
Uthe bahlangana nale nhlangano nyakenye kanjalo nabanye ozakwabo ukuxoxa ngalezi zinkinga.
“Siyayixoxa ukuthi inkinga siyixazulula kanjani kodwa uma siphuma lapho bese kungenziwa lokhu esisuke sivumelene ngakho. Kuba nokusabisa ukuthi bazoxosha izitshudeni uma kungakhokhiwe ekubeni kungalandelwanga imibandela esiyibekile,” kuqhuba uMnisi.
Uthe bazimisele ukukhokhela izitshudeni ezifanele ezihlala ezindaweni ezigunyaziwe.