UKWEHLA kwesibalo sabashone ezingozini zomgwaqo ngo- 5,7 % kuleli kusukela kuqale uDisemba uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, akunikezi isizathu sokuthi akujatshulwe ngoba ukushona komuntu oyedwa kusho ukulahlekelwa okukhulu.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uMnuz Fikile Mbalula ngesikhathi ekhipha izibalo zakamuva ngokwenzeke emigwaqweni kusukela kuqale uDisemba.
UMbalula uthe bangu- 690 abantu abashone ezingozini zomgwaqo phakathi kukaDisemba 1 noDisemba 20, kanti bangu-732 abashona ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
“Iningi labashayeli likhombisa ukuyilandela nokuyihlonipha imithetho yomgwaqo. Nakuba kunjalo bakhona labo abasawokhandalimtshela okwakhe ababeka impilo yomphakathi engozini ngokungayilandeli imithetho ebekelwe abasebenzisa omgwaqo. Labo abawulungele umusa wethu. Ukuphepha emgwaqweni kusemahlombe ethu sonke,” kusho uMbalula.
Uthe nakuba kugqugquzela ukwehla kwezingozi emigwaqweni ngalesi sikhathi kodwa luselude ukhalo okusamele luhanjwe kwazise bazibekele umgomo wokwehla kwezingozi okungenani ngo-20% uma sekumenyezelwa izibalo eziphelele, okulindeleke zimenyezelwe ngoJanuwari sekudlule amaholidi.
UMbalula uthe izifundazwe eziyisithupha okuyiKwaZulu-Natal, Northern Cape, Free State, North West, Western Cape neGauteng yizona ezisakhombise ukwehla kwezibalo zabashone ezingozini zomgwaqo ngalesi sikhathi. I- KwaZulu-Natal inesibalo esiphezulu sabashone ezingozini zomgwaqo kunazo zonke izifundazwe njengoba bengu-131 uma kuqhathaniswa nabangu 135 abashone ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, ilandelwe yi-Gauteng ngabangu-122. I-Northern Cape iyona enesibalo esincane kunazo zonke njengoba bengu- 17 abasashonile.
Izibalo zinyukile ezifundazweni iLimpopo, Mpumalanga ne-Eastern Cape uma kuqhathiniswa nezangesikhathi esifanayo ngo-2019.
Uthe zingu-416 izivimbamgwaqo ezenziwe amaphoyisa ezweni lonke kusukela kuqale uDisemba, kwamiswa izimoto ezingu- 634 166. Kuhlawuliswe abashayeli abangu-109 529, izimoto ezingu-2 415 zikhishiwe emgwaqweni kwathi ezingu- 1 801 zahudulwa amaphoyisa. UMbalula uthe bangu- 2 111abashayeli ababoshelwe amacala ehlukene emgwaqweni. Abashayeli abangu- 896 baboshelwa ukuphuza beshayela, kwakhishwa izincwadi ezingu-588 ezigunyaza ukuboshwa kwabathile.
Bangu- 336 abashayeli ababoshelwe ukwephula umgomo wejubane kanti oboshwe ehamba ngesivinini esikhulu esingu- 242 KM/h, ubeshayela emigwaqweni yase-Free State.