NQOBILE MASIMULA
NGESIKHATHI ekhula endaweni yaseMdlovane eGreytown, ubehlale ezibona izinyosi ngakubo, kwakungamfikeli ukuthi ngelinye ilanga yizona angaphila ngazo.
UMfundo Mdletshe (27) osenenkampani, i-Urban Deep Bees Company, usezakhele udumo ngalo msebenzi awenzayo ezindaweni eziningi zakuleli ikakhulukazi kulabo asebenzisana nabo nakumakhasimende akhe.
Le nsizwa yenza okungajwayelekile kwazise yakhetha umkhakha ongavamile endlini emnyama, ungumgcini wezinyosi (Beekeeper).
Uqeqeshiwe futhi useze wabhaliswa njenge-beekeeper eyaziwayo eMnyangweni wezoLimo, amaHlathi and Nokudoba (Reg. number: KZN202)
UMdletshe wafika ngo-2012 eThekwini ngesikhathi ezofunda e-University of KwaZulu-Natal nalapho afika wenza khona iziqu zeGeography & Environmental Management.
“Ngikhula ngangizisaba nami izinyosi kodwa kuthe uma sengingena kulo mkhakha ngokwemfundo ngabona lapho ukuthi kanti izinyosi zibaluleke kangakanani. Kusukela lapho ngibe ngumuntu ozifundisa kabanzi ngezinyosi,” kusho uMdletshe.
Eqhuba ngomsebenzi wakhe uthe ngaphandle kokuvuna uju lwezinyosi aphinde abeke izidleke ezindaweni ezihlukene, uphinde abe yingxenye yohlelo lokufundisa umphakathi ngokubaluleka kwezinyosi, i-Adopt-A-Hive .
“Phambilini bekwaziwa ukuthi kumele uze ube nepulazi ukuze ugcine izinyosi nokuyinto engasasho lutho manje. Lolu hlelo lugqugquzela imindeni ukuthi izibandakanye nemvelo. Osuke efuna ukuba yingxenye, simlethela isidleke sezinyosi bese siyabuya sizosibheka futhi uzitholele nomhlomulo uma sekuvunwa uju kuleso sidleke esibekwe egcekeni lakho,” kuchaza uMdletshe.
Njengamanje umatasa nocwaningo olubheka iqhaza lalolu hlelo lokugcina izinyosi ezindaweni ezisemadolobheni ukuze kugcineke futhi kwande iqhaza elidlalwa yizinyosi kwimvelo.
Uqhube wathi ukudla esikudlayo kuthembele kuzona izinyosi ukuthi zenze umsebenzi wazo ezitshalweni zezinhlobonhlobo zokudla.
“Abantu abasondelene nami nalabo abangaphansi kohlelo i-Adopt-A-Hive sebekuqonda kahle ukubaluleka kwezinyosi nokukhula kahle kwezitshalo zezithelo kanjalo nemifino ehlukene,” kusho uMfundo.
Uthe yize sekufana nokuthi zingabangani bakhe izinyosi kodwa sezike zamtinyela kwasiza ukuthi wayegqoke izingubo zokuzivikela abazisebenzisayo uma besebenza ngazo.
“UMmama namanje usaxakeka ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ngifunde bese ngikhetha ukusebenza ngezinyosi. Ubuye futhi umbone ukuthi uyajabula uma ngimxoxela ngebhizinisi uma esebona indodana yakhe imchazela ngento eyizwa ngaphakathi kangaka,” kusho uMdletshe.
Uthe inhloso enkulu ngebhizinisi lakhe wukwakha ubudlelwano bokuphilisana ngokuthula phakathi kwabantu nezinyosi
Uqhube wathi uhlelo lwe-Adopt-A-Hive yilona oselumakhele udumo kulabo abasuke bevume ukuthi kubekwe isidleke egcekeni labo, njengoba behlomula ngengxenye yoju uma seluvunwa ngaphandle kokwenza lutho kwabo.
Olunye uju abaluthola kulezi zidleke bayaludayisa nokuba kumuntu ukuthi ufuna ukulethelwa kwakhe noma aye lapho beludayisela khona.
Uphethe ngokuthi kubalulekile ukuthi izingane ezingakawukhethi umkhakha zinganqindwa amandla okukhetha kahle ngoba miningi imikhakha esivulelekile kuzona zonke izinhlanga.
Kafushane ngoMfundo Mdletshe:
* Usuku lwakhe lokuzalwa nguMashi 16.
* Usezinhlelweni zokuqedela iMasters in Development Studies.
* Akashadile kodwa unengane eyodwa.
* Ukudla akuthandayo umbushu/ isigwaqane nesishebo senkomo.
* Imoto ayithandayo yiTesla -Model 3
* Usafisa ukuhambela e-East Africa.
* Umbala oyintandokazi kuyena wu-olive green.