WAKE watatazelisa ngisho uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, owe-EFF osanda kubulawa, uMnuz Thulani Shangase.
Lokhu kuvezwe wuSihlalo weSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Boy Zondi, ngesikhathi ekhuluma emngcwabeni kaShangase.
UShangase odutshulwe wabulawa ngesonto eledlule, ungcwatshwe eMgungundlovu, ngoMgqibelo.
Ubekade engenele ukhetho lwamakhansela ku-ward 20, eMsunduzi.
Ngaphandle kokuba yilungu le-EFF, uShangase ubephinde abe yilungu lophiko oluqapha ukusebenza kwamatekisi, iHlokomela.
Yena noZondi bazana kudala, bobabili besangabashayeli elokishini KwaCaluza.
Echaza ngesigameko esatatazelisa uCele owayephesheya kwezilwandle ngaleso sikhathi, uZondi uthe yena noShangase base beqale uphiko oluqapha ukusebenza kwamatekisi ababelubiza ngoShanela.
Lokhu kungaphambi kokuba kusungulwe iHlokomela.
Ngaleso sikhathi uCele wayengungqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal.
UZondi uthe ngesikhathi sikaShanela owenza okuphambene nomthetho “babembamba bamqinise”.
Uthe ngelinye ilanga benza wona umsebenzi, kwadingeka ukuthi kungenelele uShanela ngendlela isimo esasishube ngakhona.
"Umuntu sasimbamba simqinise. Ngelinye ilanga sathi sibambe enye indoda, kwashaya ucingo uCele ephesheya. Indlela esasiyibambe ngayo le ndoda kwazwela ngisho kuCele ephesheya. Wathi uCele kuthina uzwile ukuthi akasakwazi ngisho ukuphefumula lapho sikhona."
UZondi uthe ngaleso sikhathi ababekubanga kakhulu noCele ukusebenzisa kwabo igama uShanela ekubeni umnyango nawo unolwalo uphiko olubizwa ngoShanela.
"Wathi akanankinga nale nto esiyenzayo singaqhubeka nayo kodwa asishintshe igama. Sagcina sizibiza ngoNgilokothe."
UZondi utshele izinkumbi ebezihambele umngcwabo ukuthi uShangase ubehlupha.
Kepha uZondi uthe bebekuthakasela ukuhlupha kukaShangase.
"Ubehlupha. Uhluphe kwaze kwaba sekugcineni. Kodwa ke ukuhlupha kwakhe besikuthakasela, sikuqonda."
Emngcwabeni kaShangase, i-EFF ne-ANC bakhombise ubumbano.
Omabili la maqembu akugxekile ukubulawa kukaShangase.
Ohola ithimba lesikhashana eliphethe i-ANC kwisifunda iMoses Mabhida, uMnuz Thulani "Two-ways" Xulu, unxenxe umphakathi ukuba usukume uyofuna abantu ababulele uShangase.
"Akekho umuntu wakulo mphakathi obengabulala uShangase. Alikho ilungu le-ANC ebelingabulala uShangase. Kulo mphakathi asibona ababulali. Asihambeni siyofuna umbulali."
Ilungu le-EFF ePhalemende kuzwelonke, uNksz Mathapelo Siwisa, ubachaze njengamavaka labo ababulele uShangase.
Uchaze uShangase njengelungu ebelizihlonipha izinqumo zenhlangano.
"Ngesikhathi kukhishwa elinye lamakhansela ethu ngomunye unyaka, uyena okwakufanele angene. Ngenxa yokuthi ikhansela elalikhishiwe kwakungelesifazane, sathatha isinqumo sokuvala leso sikhala ngomunye wesifazane. UShangase wasemukela leso sinqumo."