USEMBHIDLANGWENI wokukhuculula amazambane abolile, ukulwa nenkohlakalo kanye nokwehlisa izindleko ezingenasidingo emnyangweni awuholayo, uMnuz Martin Mayer onguMphathiswa weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu Natal.
UMeyer ubebize isithangami nabezindaba izolo eMayville lapho abenaba khona kabanzi ngezinhlelo zomnyango wakhe zokulwa nenkohlakalo nokuveza isizathu sengqungquthela abazoba nayo i-Build KZN Better.
Uthe selokhu engenile kulo mnyango uqaphelile ukuthi imali ibisetshenziswa budlabha phambilini. Lokhu uthe bekuwukhinyabeza kakhulu umnyango.
Uthe kunemali elinganiselwa esigidini esetshenziswe kuhanjwa izindlela (trips) ezehlukene. Uthe kodwa yena kulezi zinyanga engenile kusetshenziswe u-R237 000 ngento efanayo.
Uveze ukuthi njengamanje benza konke okusemandleni ngenhloso yokunciphisa izindleko ezingenasidingo.
"Uyabona nje mina angihambi ngohide lwezimoto. Ngakhetha ukuthi ngihambe ngemoto nje eyodwa. Futhi kangilali ehhotela isidingo singekho,'' usho kanjena.
Mayelana nokukhucululwa kwamazambane abolile uveze ukuthi kuyimanje lusekhona uphenyo oluqhubekayo ngezinye zezinto ebeziqhubeka ngaphakathi emnyangweni.
Umphathiswa ukhuluma ngenkohlakalo nje, muva kulo mnyango kusanda kuxoshwa esinye sezikhulu ebesikade siwumqondisi wophiko olukhipha amathenda ebesiyamaniswa nenkohlakalo yemali engu-R1.1 billion.
Kunezinye izikhulu nphambilini ezike zamiswa mayelana nethenda ka-R79 million yokulungiswa kophahla lwezibhedlela ezine zaKwaZulu Natal.
Ukhulume kabanzi ngengqungquthela athe izodonsa izinsuku ezimbili eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre kusukela ngoJanuwari 29 kuya ku-30.
Uthe inhlosongqangi yayo ukubhunga kabanzi ngezinselelo ezikhona emkhakheni wezokwakha.
Uthe bameme osomabhizinisi beqophelo eliphezulu athe banesiqiniseko sokuthi abazohambela ingqungquthela bazoncela kogwansile ngokuba yingxenye yayo.
Uveze ukuthi balinganiselwa ku-300 okulindeleke ukuthi babe yingxenye yengqungquthela.
Uthe bameme nobuholi bomdabu ngoba bayakholelwa kakhulu ekutheni kunoma yini abayenzayo akumele benze iphutha lokubushiya ngaphandle.