INHLANGANO edlelana ne-ANC, iSanco, ngeke imthathele izinyathelo usihlalo wayo waKwaZulu-Natal, uJacob Zuma, osanda kunxenxa abantu ukuthi bavotele inhlangano ezobe incintisana ne-ANC okhethweni lwangonyaka ozayo, uMkhonto weSizwe.
Ubuholi beSanco KwaZulu-Natal buthe yize bunesivumelwano sokuthi bazokweseka i-ANC okhethweni oluzayo, amalungu abo anelungelo lokuzibandakanya nanoma iliphi iqembu lezepolitiki alithandayo.
Unobhala we-Sanco KwaZulu-Natal, uMnuz Sizwe Cele, uthe uZuma uzoqhubeka nesikhundla sakhe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, eThekwini, izolo.
“Udaba lukaZuma seluvaliwe, azikho izinyathelo azothathelwa zona. Yebo engqungqutheleni kazwelonke yeSanco savumelana ngokuthi sizokweseka i-ANC okhethweni oluzayo. Kodwa umthethosisekelo wethu uyasho ukuthi wonke amalungu enhlangano anelungelo lokuzibandakanya nanoma iliphi iqembu lezepolitiki. Asikho isigaba somthethosisekelo wethu esisigunyaza ukuthi sithathele uZuma izinyathelo. Umhlangano wesigungu esiphezulu kwiSanco KwaZulu-Natal unqume ukuthi uZuma aqhubeke nesikhundla asiphethe.”
UCele uthe i-ANC iyona okufanele ibhekane nodaba lukaZuma.
“UZuma uyilungu le-ANC elidala njengoba esehlale kuyo iminyaka engu-62. Uqokelwe ezikhundleni eziningi kwi-ANC okubalwa kuzo nokuba umengameli iminyaka eyishumi. Lokhu kusitshela ukuthi uZuma uyilungu le-ANC eliqavile. Le-ANC uZuma axabane nayo, ayikamthatheli izinyathelo. Kungani ke thina kufanele simthathele izinyathelo? Thina sinezinkinga eziningi ezikhungethe abantu bakithi okufanele sibhekane nazo. I-ANC iyona okufanele ibhekane nodaba lukaZuma.”
UZuma uzithintele ebuholini be-ANC KwaZulu-Natal ngesikhathi ememezela ukuthi ngeke ayikhankasele i-ANC okhethweni oluzayo.
NgoMsombuluko ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal kanye namadlelandawonye baba nesithangami nabezindaba, lapho bagxeka khona isimemezelo sikaZuma.
Isithangami sabanjwa emva komhlangano wamadlelandawonye.
Okwaqapheleka kuleso sithangami ukungabi khona kobuholi beSanco.
UCele uthe banquma ukungabi ingxenye yesithangami nabezindaba ngenxa yokuthi abavumelani nendlela ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal obusingathe ngayo lolu daba.
Ukhale ngokuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bubukela phansi ubuholi beSanco.
UCele uphinde wakhala ngokushiywa ngaphandle kwabaholi be-Sanco ngesikhathi kuhlanganiswa uhlu lwabazomela i-ANC esiShayamthetho saKwaZulu-Natal kanye nasemkhandliwini wezifundazwe.
Yize benalezi zikhalo, uCele ugcizelele ukuthi abavumelani nombono kaZuma wokuthi abantu bangayivoteli i-ANC.
“Thina sizoqhubeka nokukhankasela i-ANC. Sikholelwa ekutheni i-ANC kufanele iqhubeke nokuphatha.”