OWAYENGUMENGAMELI we-ANC okhankasela iqembu lezepolitiki elisha, uMkhonto weSizwe, uJacob Zuma, angase abhekane nabaholi be-ANC uma eseyisa umkhankaso waleli qembu, eMpumalanga.
UZuma uzokuba nomhlangano namalungu oMkhonto weSizwe eMpumalanga, ngempelasonto.
Kuyo impelasonto abaholi be-ANC bazokube bethe chithi saka eMpumalanga njengoba le nhlangano ilungiselela umcimbi wayo omkhulu iJanuwari 8 ozokuba kulesi sifundazwe.
UZuma uzohlangana namalungu oMkhonto weSizwe eMkhondo, ngoMgqibelo.
Lezi zindaba zimenyezelwe yindodakazi kaZuma, uNksz Duduzile Zuma, ezinkundleni zokuxhumana.
"Ukukhala kwenu sikuzwile lapho eMpumalanga, siyeza lapho. Umengameli uZuma uzokube enani," kubhala uNksz Zuma.
UZuma usanda kuphumela obala wathi angeke ayikhankasele i-ANC njengoba kubhekwe okhethweni, wathi kunalokho uzokhankasela uMkhonto weSizwe.
UZuma uya eMpumalanga nje, uMkhonto weSizwe usanda kujoyinwa ngosondonzima bakulesi sifundazwe abahlubuke kwi-ANC.
Phakathi kosondonzima abajoyine uMkhonto weSizwe eMpumalanga kukhona loyo owayeyimeya kaMasipala waseMkhondo, uMnuz Vusi "Sigemegeme" Motha.
UMotha waba sezindabeni emva kokuboshelwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Ngesikhathi ehlubuka kwi-ANC, uMotha wajoyina i-EFF, njengoba esevumbuka kuMkhonto weSizwe.
UZuma uza eMpumalanga nje, abaholi be-ANC sebeqalile ukuhamba begqugquzela abantu ukuba beze kwiJanuwari 8.
IJanuwari 8 yakulo nyaka izokuba senkundleni yezemidlalo iMbombela, ngesonto elizayo.
UMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uzokwethula inkulumo yosuku.
NgoLwesibili nayizolo uSihlalo we-ANC eMpumalanga, uMnuz Mandla Ndlovu, uhlangane nobuholi bamagatsha e-ANC kwisifunda iGert Sibande.
Usihlalo we-ANC kwisifunda iGert Sibande, uMnuz Walter Mngomezulu, uthe babheke ukuthi amalungu angu-15 000 aqhamuka kulesi sifunda ahambele umcimbi wangesonto elizayo.
“Kuzokuba mnandi eMpumalanga. Nginxusa wonke umuntu ukuba aphelele enkundleni yezemidlalo ukuze ezozizwela umyalezo kamengameli.”
Abaholi be-ANC kuzwelonke kulindeleke ukuthi baqale ngalempelasonto ukutheleka eMpumalanga.
Bazokuba nomhlangano wesigungu esiphezulu lapho bazoxoxa khona ngamaphuzu uRamaphosa azokhuluma ngawo.
Kulindeleke nokuthi babe nemicimbi eyahlukene lapho bezokuba benxenxa abantu ukuba bahambele umcimbi wangesonto elizayo.
Isifundazwe iMpumalanga sagcina ngo-2014, ukusingatha iJanuwari 8.