USIHLALO wekhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzane uJaji Raymond Zondo uyalele uNobhala wekhomishini uSolwazi Itumeleng Mosala, ukuba amvulele icala lobugebengu owayengumengameli uJacob Zuma ngokuhluleka ukulandela imiyalelo nokungafakazi ngoLwesine odlule.
UZondo usho lokhu izolo, ngemva kokuba uZuma nethimba labameli ngoLwesine behambe ngaphandle kokuba abanikeze imvume.
UZuma wahamba kulandela ukuchithwa kwesicelo sakhe sokuba uZondo angabi yingxenye yekhomishini uma esefakaza.
UZuma wahamba ngesikhathi sekhefu letiye kwikhomishini wangabe esabuya.
“Ukwenza kwakhe kungathumela umyalezo okungewona nakwabanye ofakazi abangathandisisi ukufakaza kwikhomishini. Bangacabanga ukuthi yinto efanele ukuvele uhambe nje unganikezwanga imvume.
“Bangavele benze umathanda. Uma kwenzeka kanjalo le khomishini ngeke yakwazi ukusebenza kahle,” kusho uZondo.
Uthe isenzo sikaZuma sizoba nomthelela ongemuhle ngokuthembeka kwekhomishini emphakathini nakwabezomthetho.
Uthe uSolwazi Mosala makamvulele icala bese enikeza uphiko lwabashushisi iNational Prosecuting Authority, imininingwane ngokwenzeka ngoLwesine, uthe abanikeze ne-video yalokhu.
UZondo uthe uzophinde akhiphe ezinye izinsuku uZuma okuzomele abuye azofakaza ngazo. Uthe uzonikezwa amanye amasamanisi, amphoqa ukuba azofakaza kwikhomishini.