UYALELWE ukuba ahlawule imali engangoR300000 owesifazane owanameka igama lesitshudeni sase-UCT, ohlwini lwabasolwa ngokudlwengula.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi abafundi besifazane bebhikishela ukuhlukunyezwa kwabesimame ngemuva kokuthi kudlwengulwe futhi kubulawe uNksz Uyenene Mrwetyana ngo-Agasti 24, 2019, owayefunda enyuvesi, i-UCT.
Kuthiwa umsolwa akazange ahlukunyezwe yisitshudeni asinameka ezinkundleni zokuxhumana kodwa wezwa ngomana lapho ukuthi uyasoleka. Isitshudeni saphoqeleka ukuba sishiye inyuvesi ngenxa yezinsolo esasibhekene nazo. Ngemuva kwesikhathi savula amacala
Ngokombiko we-EWN, uRamaano Ramokgopa owayena-20 ngaleso sikhathi wanquma ukushiya enyuvesi ngenxa yezinsolo ayesolwa ngazo futhi ezizwa engasaphephile, enemizwa yokufuna ukuzibulala.
Lo mkhuba wokubhala nokunameka amagama abasolwa waqala ngomkhankaso owawusuka phesheya kwezilwandle uthi #AMINEXT lapha abagilwa babebhala ngokuhlukumezeka kwabo nokuthi babehlukunyezwa ngobani.