NONTUTHUKO NGUBANE
LIHLEHLELE isonto elizayo icala elibhekene nengoduso esolwa ngokubulala umyeni wayo, owatholwa elahlwe eweni ngasoZwathini.
UNksz Nompumelelo “Mpume” Goncalves (27), ngoMsombuluko uvele enkantolo yasePinetown, icala lahlehliselwa uDisemba 28. Usagcinwe esitokisini.
Ingoduso ibhekene necala lokubulala umyeni abebethembisene naye umshado uMnuz Nkosi Timmy Langa (33).
Icala lihlehlisiwe ukuze umsolwa acele ibheyili ngokusemthethweni.
Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu ebhace eManguzi eboshwa wuphiko lwamaphoyisa lwe-K9 lusebenzisana nabaphenyi basePinetown.
ULanga, owatholwa efile oZwathini, wayekade eduke emzini wakhe ngoSepthemba.
Ngeledlule Isolezwe libhale ngokugwetshwa kwenkabi, ezivumele ngokwayo ukuthi yabulala umufi. Igwetshwe iminyaka engu-20 ibhadla ejele.
UJames Mashudu “Ramaphosa” Mthimkhulu (35), evuma ukubulala uMnuz Langa, eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, wathi owazibiza ngonkosikazi kamufi ovezwe njengoMpume, wamthembisa uR15 000 ngokubulala umyeni wakhe kodwa wagcina ekhokhelwe uR800.