OBEYIMEYA yaseZululand uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, uthe uhamba nenhliziyo emhlophe ngoba uwenzile umsebenzi abejutshelwe wona wokuhambisa amanzi ebantwini.
UButhelezi obuye abe wuNdunankulu kaZulu, wesulile esikhundleni sobumeya njengoba ephikelele esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. Uhleli endaweni yesishiyagalolunye ohlwini lwamalungu e-IFP esiShayamthetho.
Kulindeleke ukuthi i-IFP iqoke imeya entsha ezovala isikhala sikaButhelezi ngoba iyona ephethe ngokubambisana namanye amaqembu kulo mkhandlu.
I-IFP KwaZulu-Natal ize mawala okhethweni yathola izihlalo ezingu-15 esiShayamthetho okuyizona ebikhulumela phezu kwazo ezingxoxweni.
UButhelezi exoxa neSolezwe, uthe uzishaya isifuba ngakwenzele abantu baseZululand njengoba eseshiya nje.
“ Ngifike eZululand ngoNovemba 2017 manje ngiwushiya umkhandlu usesimeni esihle ngokwezimali futhi uMcwaningi mabhuku uthe awukho ugcobho. Kunemisebenzi yokufakwa kwamanzi eminingi esiyenzile siqinisekisa ukuthi ayafika ebantwini,’’ kusho uButhelezi.
Uthe imisebenzi ibonakale ngesikhathi sokhetho i-IFP yanqoba cishe wonke ama-ward KwaNongoma kwacaca ukuthi banelisekile.
Uthe kunemizi eminingi ebingenawo amanzi ikakhulukazi ohlangothini lwaKwaNongoma kodwa aseyaphuma manje.
“ Imizi engu-36 000 ibingawatholi amanzi kodwa siwafakile, banawo manje. Ngishiya umasipala onozinzo futhi ngibonga amakhansela, abasebenzi namakhosi ngokusebenza ngokubambisana,’’ kusho uButhelezi.
Uthe unethemba lokuthi bazoqhubeka nokuhlonipha imeya ezovala isikhala sakhe ukuze umsebenzi uqhubeke kahle. Maqondana nokuya esiShayamthetho uthe inkonyane izobe ingethuki isisinga.
UButhelezi uthe iqembu lamjuba esiShayamthetho sesifundazwe ngo-2006 wasebenza khona iminyaka emihlanu. Uthe wayegxile ekomitini lehhovisi likandunankulu nezindaba zasendlunkulu. Uthe wafunda okuningi ngokusebenza kukahulumeni nobukhosi.
Uthe namanje uzosebenzisa leso sipiliyoni sakhe ukuqhuba umsebenzi ofunwa yi-IFP.