UZINIKELE emaphoyiseni usomabhizinisi waseNanda obhekene necala lokudlwengula akhulelise intombazane engumakhelwane wakhe eneminyaka engu-13.
Lo somabhizinisi oneminyaka engu-59, inkantolo ekhiphe umyalelo wokuthi igama lakhe ligodlwe ubevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngaleli cala.
Kuvele khona enkantolo ukuthi uzinikele yena emaphoyiseni ngesonto eledlule.
Kuthiwa unamabhizinisi ahlukene eThekwini nakwezinye izindawo ezingaphandle kweTheku. Kubatshazwa isithabathaba somuzi wakhe okhona eNanda. Akuvelanga ukuthi unamabhizinisi anjani.
Kuhlaluka ukuthi uzinikele emaphoyiseni ngemuva kokuba unina kamgilwa emvulele icala esethole ukuthi kwenzekeni. Kuvela ukuthi le ngane bese kuphele isikhathi eside elala nayo.
Kuvele ukuthi unina wengane uze wathola ngalokhu ngoba ingane seyikhulelwe kwaba yima eyibuza ukuthi kwenzekani.
Usomabhizinisi kuthiwa ubenobudlelwane obuhle nomndeni kamgilwa.
UMshushisi elingatholakalanga igama lakhe unxuse inkantolo ukuba iqinisekise ukuthi uthola ubulungiswa umndeni kamgilwa.
Isolezwe litholile ukuthi amalungu omphakathi waseNanda ahlela ukumxosha endaweni usomabhizinisi. Akhala ngesenzo sakhe esinobulwane.
"Kungekudala uzozwa kuthiwa usexoshiwe eNanda ngoba umphakathi ucasukile kakhulu. Ukholwa ukuthi ngeke ukwazi ukuthi ungahlala ndawonye nowesilisa onesibindi sokwenza into efana nalena,'' kuchaza ilungu lomphakathi.
Liqhuba lithe umphakathi ukholwa ukuthi aziphephile izingane ezincane zamantombazane uma ezoqhubeka nokuhlala kule ndawo owesilisa uma kuya ngokuthi inkantolo izogcina imnikeza ibheyili.
Lithe ngesonto elizayo bazobhikisha ngaphandle kwenkantolo bafake ingcindezi yokuthi usomabhizinisi angayitholi ibheyili.
Liveze nokuthi kukhona uqhekeko phakathi kwalo somabhizinisi nomkakhe okhala ngokuthi umthunaze isithunzi sakhe wasiqeda.
Elinye ilungu lomphakathi lithe bebemethemba usomabhizinisi bengazi ukuthi ngelinye ilanga kungathiwa ubhekene necala elibucayi ngalolu hlobo.
Icala lakhe lihlehliselwe isonto elizayo ukuze acele ibheyili.