UZIBONA engaphephile umshayeli wetekisi eshayise abafundi kwashona abathathu emgwaqweni uDumisani Makhaye, eNewlands East, ngoLwesithathu.
USboniso Zwane (33) obevele okokuqala eNkantolo yeMantshi eNtuzuma izolo, uzinikele emaphoyiseni aKwaMashu ngoLwesithathu ngemuva kwalesi sigameko.
Ngokusho kwabazibonele, uZwane udlule ngesivinini irobhothi ebelivalile, washayisa izingane ebezime onqenqemeni lomgwaqo.
Abathathu abashonele endaweni yesigameko * -Ayanda Mtshali (14), uTina Ngidi (13) noLuyanda Ngubane (13) oyedwa usesimeni esibucayi esibhedlela, uZwane ube eseboshwa ngawo uLwesithathu ngamacala amathathu okubulala ngokungenhloso nelilodwa lokushayela budedengu.
Ngenkathi engena enkantolo ebinedlanzana labantu okubalwa namalungu emindeni eshonelwe.
UZwane ubebukeka enyukubele.
Ebuzwa yiMantshi, uMnuz Ravi Pillay, ukuthi uzomelwa ubani, ucele ummeli kahulumeni ongakhokhelwa.
UZwane ube esetshela ummeli wakhe, uMnuz Sandile Thusi, ukuthi abezindaba bangazishicileli izithombe zakhe njengoba esabela impilo yakhe.
Kwale noma imantshi isithe izithombe ezizoshicilelwa zizofihlwa ubuso kodwa wala waphetha umsolwa.
Icala libe selihlehliselwa uLwesithathu oluzayo lapho kuzodingidwa khona isicelo sebheyili.
UZwane uzogcinwa ngaphakathi esitokisini aze abuyele enkantolo. Namuhla kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ahambele isikole obekufunda kuso laba bafundi iNewlands East Secondary, bese ehambela nemindeni yabo.