UKUXINWA wukugula okuhlasele isibindi sendlovukazi yomculo we-Afro soul, uBulelwa ‘Zahara’ Mkutukana, kubhuntshise umshado wayo nesoka layo lakamuva, uMpho Xaba.
UZahara (36) wodumo lwengoma ethi Loliwe nethi Phendula, wazisholo yena ukuthi noma kanjani ziyawushaya kuye nesinqandamathe sakhe ngoNovemba, emuva kokuthembisana umshado ngoMashi 10, nonyaka.
"Ngijabule kabi. Ngeke ngiqambe amanga. Uyangijabulisa. Akukho okushintshile emuva kwesicelo somshado. Usahambisa kahle konke," kwakusho uZahara emithonjeni yezindaba ngoJulayi, kulo nyaka.
Ukuze uZahara athenjiswe umshado nguXaba engazelele, Isolezwe lithole ukuthi kwadingeka ukuthi uXaba ahlangane nomsizi wakhe uLisa benze iqhinga. Baqamba amanga kuZahara bathi ubizwe ngenye iphodikhasti efuna ukuba nezingxoxo naye mayelana nomculo. Ekhuluma nemithombo yezindaba uLisa wachaza ukuthi, nakuba uXaba wayemi ngokumumo futhi ehlome ngendandatho kaR10 000 eyayifihlwe ebhalunini nezimbali kodwa wayenovalo ngoba esaba ukuthi uZahara angase engasamukeli isicelo sakhe somshado.
UZahara wadalula kwiTwitter (esiyaziwa nge-X) ukuthi usevume isithembiso somshado kumfokaXaba.
"ULisa wangitshela ukuba ngiphuthume ekhaya ngoba kunesimo esiphuthumayo. Ngesikhathi ngifika, egunjini lokuphumula ngabona i-bhaluni elikhulu, elibhalwe ukuthi 'Ngishade', ngavuma ngoba ngiyamthanda. Uyangeseka, umnene futhi uyaphana," kwakusho uZahara. Bese kungokwesithathu uZahara ethenjiswa umshado. Kwaqala umsakazi woMhlobo Wenene, u-Amaza Ntshinga ngo-2017, emuva kweminyaka emihlanu bengamathe nolimi. Kwalandela u-Ian Sibiya ngo-2019 kodwa ubudlelwano babo bashesha ukunyamalala okwamazolo ebona ilanga.
UZahara uthembisana nale mpunyela engunjiniyela ngoMashi, bebesajole izinyanga eziyisithupha emuva kokuhlanganiswa ngumngane. Kusukela lapho uthando lwabo beseluvutha amalangabi njengoba bese behlele ukushada ngenyanga edlule.
Isolezwe ligcine kusabonwa ngokusa kuZahara egunjini labagula kakhulu futhi sekuyophela isonto lesibili aphuthunyiswa esibhedlela kukubi ngenxa yokuguliswa yisibindi. Umndeni womculi ukhiphe isitatimende unxusa imithandazo yabalandeli. Iqhuba imithombo ithe uZahara uguliswa yisibindi esibukeka sizodinga ukushintshwa.
"Amanye amalungu omndeni wakhe ase-East London, asethelekile eGoli, ukuzozimazisa isoka lakhe uMpho Xaba, owenza ngakho konke ukunakekela uZahara. Kubanjwa imithandazo eGoli, nase-East London, ukuze alulame. Umndeni wakhe wenza konke okusemandleni ukukhokhela izindleko zesibhedlela ngoba akanayo i-medical aid," kucashunwa umthombo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaXaba ayiphumelelanga futhi imenenja kaZahara, u-Oyama Dyosiba nongumxhumanisi walo mculi nabezindaba u-Eric Gyimah, banqabile ukuphawula.