Kuboshwe umnikazi wethaveni ozame ukugwazela amaphoyisa ngemali ukuze ithaveni yakhe iqhubeke nokusebenza ngemuva kuka-12 ebusuku, ngoKhisimusi eKomani, e-Eastern Cape.
Amaphoyisa athe ngo-12.45 ebusuku ngoKhisimusi, abeqhuba umkhankaso wezokuphepha ngesikhathi ezithela phezu kwethaveni ebisavuliwe ngemuva kuka-12 ebusuku.
“Amaphoyisa ayalalele umnikazi wendawo oneminyaka engu-45 ukuba avale ithaveni namakhasimende akhe ukuthi aphum,e” kusho okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape, uCaptain Yolisa Mgolodela.
Uthe ngesikhathi esalinde ukuthi kuvalwe indawo, kusokwa ukuthi umnikazi wendawo uye evenini wazama ukuwayenga ngesamba semali ukuze ibhizinisi lakhe liqhubeke nokusebenza.
“Kusolwa ukuthi uqhubekile wayidedela imali ngaphakathi evenini ukuze ezovuma. Amaphoyisa abe esenikela esiteshini avula icala lokugwazelwa, umsolwa wabe eseboshwa.”
Uthe umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKomani ngoLwesihlanu.