Uhlabela phambili uMnyango weMfundo eyisiSekelo kuleli ngokushicilela imiphumela ka-Matric emaphephandabeni.
Umnyango ukwenza lokhu phezu kokuba i-Information Regulator, isifake isicelo esiphuthumayo enkantolo sokuvimba ukushicilelwa kwale miphumela.
Lesi sicelo sizolalelwa enkantolo ngoJanuwari, 7, 2025.
Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bayitholile incwadi ye-Information Regulator, mayelana nokuvimba ukushicilelwa kwemiphumela.
Uthe ngasohlangothini lo mnyango zonke izinhlelo zokuyishicilela zisami kanjalo njengoba kuhleliwe.
“Sizolinda kuze kuphume esinye isinqumo senkantolo esizothi asingayishicileli imiphumela ngoba isinqumo esisilandelayo, esango-2022, lapho saphoqwa ukuthi siyishicilele,” kusho uMhlanga.
Uthe i-AfriForum, yaya enkantolo ifuna ukuthi ishicilelwe, yingakho belandela lesi sinqumo.
“Siyolalela okushiwo yinkantolo ngalolu daba. Kodwa okwamanje imiphumela sizoyishicilela emaphepheni,” kusho uMhlanga.
UNgqongqoshe walo mnyango uNksz Siviwe Gwarube, uyomemezela imiphumela ka-matric ngoJanuwari 13, 2025, bese izifundazwe ziyikhipha ngakusasa ngoJanuwari 14, 2025.
Abafundi bayilanda ezikoleni ngoJanuwari 14, 2025.
I-Information Regulator ifuna ukuvimba ukushicilelwa kwale miphumela ngoba ufuna umnyango uqale uthole imvume kuwona wonke umfundi obhale leli banga, yokuthi ishicilelwe imininingwane yabo.
Umnyango uvele ushicilela kuphela izinombolo zabafundi ababhalile, awusasebenzisi amagama abo.