Ukushuba kwesimo eMozambique sekwenze inkampani yamabhanoyi i-Airlink, iyamisa ukuhamba kwamabhanoyi asuka kuleliya lizwe eza kuleli.
Lokhu kudalwe imibhikisho eqhubeka kuleliya lizwe mayelana nezakhamuzi ezingeneme ngemiphumela yokhetho.
Isikhulu esiphezulu se-Airlink, uMnuz Rodger Foster, uthe kudingeke bamise ukuhambela kwamabhanoyi abo ngenxa yesimo.
Uthe balokhu besiqaphe njalo isimo ngokwenzeka kuleliya lizwe.
“Sikubeke phambili ukuphepha kwabagibeli nabasebenzi bethu.”
Kuthiwa bangaphezu kuka-33 abantu asebeshonile kule mibhikisho eyaqubuka ngemuva kokhetho lwango-Okthoba kuleliya lizwe.
Okubhebhezele kakhulu umbhikisho yisinqumo ebesilindiwe senkantolo yoMthethosisekelo yezwe, eqinisekise ukuthi iqembu iFrelimo, yilo eladla umhlanganiso okhethweni.
Obemele leli qembu okhethweni uMnuz Daniel Chapo, unxuse ukuthi kube nezingxoxo phakathi kwakhe nezimbangi zakhe uMnuz Ossufo Momade, umholi weMozambican National Resistance (Renamo), ochitha imiphumela yokhetho.
Omunye umholi weqembu eliphikisayo iPodemos, uMnuz Venancio Mondlane, olale endaweni yesibili okhethweni, uyayichitha naye le miphumela.
UNgqongqoshe wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba uMnuz Ronald Lamola, unxuse ukuthi izimbangi zihlale phansi zixoxe.
Uthe elakuleli lizoba yingxenye yokuthola isixazululo kule nkinga ebhekene naleliya lizwe.
UNksz Mmemme Mogotsi wezokuxhumana kwiBorder Management Authority, uthe kuboshwe abebezama ukweqa imingcele besuka eMozambique beza kuleli ngoLwesine.
Uthe laba ababoshiwe ababalelwa ku-100, babuyiselwe emuva.
Uveze ukuthi sincane isibalo sabantu abeza kuleli kanjalo nalabo abasuke beya eMozambique, uma kuqhaniswa nonyaka odlule ngalesi sikhathi.