UBEQALA ukuyizwa enkantolo indaba yokuthi unecala laKwaNongoma uMnuz Bongani Ntanzi, ongomunye wabamangalelwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Ukulalelwa kwaleli cala kuqhubeka eNkantolo eNkulu yaseGoli.
UNtanzi ukusho lokhu izolo ngesikhathi kuqhubeka ukuphekwa kwakhe ngemibuzo umshushisi woMbuso, u-Advocate Ronnie Sibanda.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uSibanda eveza ukuthi nakuba uNtanzi ethi wahlukunyezwa ngokushawa nokufakwa ishubhu, kodwa akukho lapho okuvela khona ukuthi wakubika lokhu.
UNtanzi uvele waveza ukuthi indaba yokubuzwa ukuthi unezikhalo yini uyiqale ejele laseRusternburg, nakuleli asetoke kulo iKgosi Mampuru njengoba kuqhubeka icala likaMeyiwa.
“Ngisho nendaba yecala laKwaNongoma ngiqale ukuyizwa la enkantolo ukuthi nginecala mina KwaNongoma. Uma ngisekhaya ngihlale ngiya engomeni, ehanjelwa amaphoyisa asezindaweni ezehlukene kodwa awakaze athi nginecala,” kusho uNtanzi.
Uthe kuleyo ngoma ahlale eyihamba, bekuba khona ngisho neSIlo samaZulu esakhothama.
“Engomeni, igama lami belihlale libizwa, babengangibophi ngani, ngiyamangala mina ukuthi nginecala,” kusho uNtanzi.
USibanda uvele wayihlaba inhlali, ephendula uNtanzi ngelithi uyabonga kodwa akuyona into abeyibuzile yena leyo, yena ubebuze ukuthi akabikanga ngani ukuthi wahlukunyezwa ngisho sekufika abavakasha ezitokisini behambe bebuza iziboshwa ngezikhalo zazo.
UNtanzi uphendule ngelithi, yena akakaze azibone lezo zivakashi.
Kaningana, uSibanda uphinde wasola uNtanzi ngokuzakhela udaba lokuthi washawa, wahlukunyezwa.
“Udaba lokuthi washawa uyaziqambela lona ngoba ubufakazi be-AVL (Automatic Vehicle Locator) nobukaMogane (Sergeant Vusimuzi Mogane), akukho lapho buveza khona lokho. Akukho okufakazela lokhu okushoyo,” uSibanda ebhekise kuNtanzi.
“Ngizokhuluma into eyayenzeka kimi, izindaba zezimoto, angizazi, ngangingazi noma sezijikela kwesokudla noma kwesobunxele,” kusho uNtanzi, obuye waveza ukuthi uzwa ubuhlungu uma uMbuso uthi usenga ezimithiyo uma ethi washawa.
“Angisona isigangi mina, kubuhlungu uma uMbuso uthi angikaze ngishawe,” kusho uNtanzi.
Icala liyaqhubeka namuhla.