UMNDENI wekhansela le-ANC elisocongwe nabanye ababili ngempelasonto, eMpumalanga, uthi uyaziwa umuntu osoconga amalungu e-ANC eMkhondo.
USibonelo Mthembu, obesanda kufungiswa njengekhansela kuMasipala waseMkhondo, ubulawe ngokudutshulwa ekanye nabanye ababili ngoLwesihlanu ebusuku.
Uyikhansela lesibili ukubulawa ezinyangeni ezintathu kule ndawo njengoba ngonyaka odlule, kwadutshulwa uMnuz Muzi Manyathi, owayephinde abe yiphini likasihlalo we-ANC esifundeni iGert Sibande.
Umndeni kaMthembu uthe awukungabazi ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nezepolitiki.
Umfowabo kaMthembu, uMnuz Sabelo Nhleko, uthe kunomholi we-ANC ophume umkhankaso wokusoconga bonke abantu abaphikisana naye eMkhondo. Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo neziko lezindaba iSABC.
UNhleko uthe umholi obulala abantu eMkhondo uyaziwa.
“Kukhona abantu abasizingelayo, basifuna sifile. Kukhona ilungu le-ANC elifuna ukuqeda ngathi. Ilungu le-ANC elilodwa la eMkhondo elifuna ukusibulala.”
UNhleko wenqabile ukuligagula ngegama laleli lungu, kepha wama kwelokuthi liyaziwa.
Namalungu e-ANC abezoqinisa idolo umndeni kaMthembu athe abona engaphephile, athi kunomholi ohlose ukuqotha bonke abaphikisana naye.
UNhleko uthe kuwuphethe kabuhlungu umndeni ukubulawa kukaMthembu obesanda kungena kulesi sikhundla kulandela ukunqoba kwakhe ukhetho lokuchibiyela olwalungonyaka odlule.
UMthembu ufungiswe kulesi sikhundla namanye amakhansela e-ANC ayisikhombisa kuwo lonyaka. Yena kanye nala makhansela amasha bangene kulezi zikhundla emva kokuxoshwa kwamakhansela e-ANC ayewine ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.
Amakhansela e-ANC axoshwa emva kokuthi izimpi zangaphakathi zalahlekisela leli qembu ngesihlalo sobumeya.
Yize i-ANC inezihlalo ezingu-22 kwezingu-38 zakulo masipala, isikhundla sobumeya sagcina sithathwa ikhansela elizimele, uMnuz Mthokozisi Simelane, emva kokuthi amanye amakhansela e-ANC avota namaqembu aphikisayo.
Ukuxoshwa kwamakhansela e-ANC kwabe sekusho ukuthi kufanele kube nokhetho lokuchibiyela.
UNdunankulu waseMpumalanga, uNkk Refilwe Mtshweni-Tsipane, uthe bafuna ziphenywe izigameko zokusocongwa kwabe-ANC eMkhondo.
Uthe kuyabakhathaza ukubulawa kwamalungu e-ANC, wanxusa amaphoyisa ukuba abophe izigilamkhuba.
“Kufanele kube khona umuntu ozochaza ngokubulawa kwamalungu e-ANC kule ndawo.”
Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga, uColonel Donald Mdhluli, uthe bekungakaboshwa muntu ngokubulawa kukaMthembu kanye nabanye.
Uthe icala liphenywa yithimba labaphenyi eliseqophelweni eliphezulu.