USOMLOMO kaMasipala weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, uzichithile izinsolo zokuthi wadukisa uMkhandlu nezakhamizi zaseThekwini ngokungafuni ukuqinisekisa ukuthi likhona icala lenkohlakalo elavulelwa imenenja yedolobha, uMnuz Musa Mbhele.
Ukusho lokhu esithangamini sabezindaba eCity Hall ngoLwesithathu lapho ebehamba nenhloko yabameli kuMasipala, uMnuz Musa Mhlongo. UNyawose ukuqinisekisile ukuthi uyitholile incwadi evela kuKhansela Visvin Reddy ephakamisa ukuthi asuswe esikhundleni ngokungabuthembi ubuholi bakhe.
“Ngaliphendula iKhansela (uVisvin Reddy) ngokuthi nginalo ulwazi ukuthi lukhona udaba olubikiwe emaphoyiseni kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi alikho icala elivulelwe iMenenja yeDolobha u(Mnuz) Musa Mbhele, ngisamile futhi kulokho ukuthi kalikho icala elivulelwe uMbhele ngokusemthethweni noma ngingeke ngingene kulokho kabanzi,” kuchaza uNyawose.
Eqhuba uNyawose uthe, bazokwethula le ncwadi esuka kuReddy ngaphambi koMkhandlu ngokuphela kukaJuni, ebeka nokuthi ngeke abe yingxenye yoMkhandlu ngoba lolu daba luyamthinta naye, ngokwenqubomgomo kaMasipala, uthe uMkhandlu kuzomele ngalelo langa ukhethe uSomlomo wesikhashana nokunguyena ozobe esebuka le ncwadi evela kuReddy.
“Njengoba ngithinteka kulezi zinsolo, akumele ngibe yingxenye yoMkhandlu, uMkhandlu kuzofanele uthole usomlomo wesikhashana ukuze adingide le ncwadi yezinsolo evela kuReddy,” kubeka uNyawose.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhandlu woMasipala bekumele ube nezingxoxo noNgqongqoshe woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neZindaba Zomdabu izolo, ngaphansi kohlelo lokulekelelwa uma unezinkinga zokuphatha.
Namhlanje uMkhandlu uhlangene eCity Hall kanti nodaba lweMenenja kaMasipala luzodingidwa. #isolezwengempelasonto