ENYE yezindaba ezibe egudwini kuleli sonto ngeyokuchithwa kwesicelo ebesifakwe yi-Information Regulator (IR) enkantolo, sokuthi imiphumela yabafundi baka-matric bangonyaka odlule ingashicilelwa, okugcine kungaphumelelanga.
I-IR ibikhala ngokuthi ukushicilelwa kwemiphumela yabafundi kuphambene nelungele labo lokungavezwa kwezinto ezithinta bona ngaphandle kwemvume yabo. Ithi okungcono wukuthi kube wumfundi ovumile nohambisana nalokho okuzoshicilelwa imiphumela yakhe emaphephandabeni ezweni.
Omunye wabafundi ba-matric abalinde imiphumela yabo, u-Azande Nkwanyana (18) obefunda eKing Bhekuzulu High, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthe ngokwakhe ayikho inkinga ngokushicilelwa kwemiphumela yabo ngoba kufakwa ama-exam number, hhayi amagama nezibongo zabo.
“Into edala inkinga wukuthi abazali bethu bayathanda ukukhuluma, bachome ngathi emphakathini, okwenza ukuthi uma izinto zingasahambi kahle, ingcindezi enkulu ihlale kithina. Nokho ngithemba ukuthi sizophasa kahle ngoba sizikhandle kakhulu kusukela unyaka uqala,” kusho u-Azande ofake isicelo sokuyofunda izifundo zomthetho nezobuthisela nonyaka.
USinenhlanhla Ntshangase (23) obefunda u-matric eKhathi High, eMthwalume, ukhale ngokuthi ukuphuma kwemiphumela yabo emaphephandabeni kwenza babe nengcindezi enkulu, ikakhulu ngoba ngisho ungayifihla inombolo yakho kodwa ihlale izoba khona indlela eyenza kube khona abayaziyo, nabayibonayo.
“Singabafundi nje sisodwa siyazana izinombolo zethu ngoba uma sihleli emagunjini okuhlolwa, uyakwazi ukubona inombolo yomfundi ophambi kwakho nosemva kwakho. Kanti abanye bakusebenzisa kabi labo, benze inhlekisa ngabanye abafundi okusuke kungabahambelanga kahle. Kungangcono ukuthi kwenziwe uhlelo lokuthi wonke umfundi ayithole (imiphumela) ngokwakhe ocingweni lwakhe,” kusho uSinenhlanhla ofake isicelo sokwenza i-Public Management eMUT, eMlaza.
UNondumiso Dlamini (19) obenza u-matric eMpoqabulungu Senior Secondary, eMandeni, uthe kuyena uqobo nje akwenzi mehluko ukushicilelwa nokungashicilelwa kwemiphumela yabo, nokho uyayiqonda ingcindezi okungenza ibhekana nozakwabo.
“Nokho ukube kuya ngami, ngingathi ayingabe isashicilelwa emaphephandabeni ngoba akuyena wonke umuntu okwazi ukubhekana nengcindezi yalokho, ikakhulu uma kungenzeka kubhimbe uhlelo,” kusho uNondumiso ofake isicelo sokwenza izifundo ze-Radiography eNyuvesi iFree State nonyaka.
NgoMsombuluko uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo, uNksz Sindi Gwarube, uzomemezela imiphumela ka-matric ngokokuthi izifunda nezifundazwe kwenze kanjani, bese ngoLwesibili ekuseni imiphumela itholakale emaphephandabeni ehlukene.