UYATHUTHUMELA umculi kamaskandi waseQhudeni, eNquthu, emuva kokudlwengulwa kwendodakazi yakhe eneminyaka emithathu.
Umculi (26), esingeke salidalula igama lakhe ngenhloso yokuvikela isithunzi sendodakazi yakhe, uthi ubikelwe lezi zindaba ezihlasimulisa umzimba yingoduso yakhe.
Uthe indodakazi yakhe ihlala koninalume kodwa bangomakhelwane nabasekhweni lakhe.
Ubeke kanje umaskanda: "Njengoba bekungumholo ngoMsombuluko, indodakazi yami beyisele komunye umuzi wakwaSithole, esigodini sasoShiyanyawo, endaweni yaseSibomvu. Bahlale beyishiya khona ngoba kunezingane ezilingana nayo."
Eqhuba uthe abasekhweni lakhe basolile ukuthi kukhona okushaya amanzi endodakazini yakhe base beyiphuthumisa eDinguntuli Clinic.
Kuthiwa abahlengikazi bathi ayidluliselwe esibhedlela eKhombe, ngoba bebona ukuthi ayingangabo, kudingeka usizo lukadokotela. Uthe ube esekhipha imali yokuba indodakazi yakhe iphuthunyiswe esibhedlela.
"Ntambama ngalolo suku ngithole ucingo kumama wengane yami ekhala, ethi ingane inukubeziwe. Ngakho ugogo wayo usevule icala esteshini samaphoyisa futhi ubuyiswe yiveni yawo ekhweni lami."
Eqhuba lomculi uthe udokotela uwathathile amagazi, wabayalela ukuba balinde imiphumela yolibofuzo ukuze kuvele ukuthi lamanyala enziwe ngubani enganeni.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi ozakwabo baseKhombe, baphenya icala lokudlwengula ngemva isigameko lapho umgilwa oneminyaka emithathu kusolwa ukuthi unukubezwe ngocansi ngumuntu ongaziwa. Esephetha uNetshiunda uthe amaphoyisa aseKhombe, asebenzisana nawoPhiko loDlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane nokudlwengula eShowe, ukuze baphenye lolu daba.