UZIBONA efaniswa nenja owesilisa waseSantombe, eHarding, okubulawe inkomo yakhe epulazini lomlungu, kuthe seyibolile kwathiwa akayithathe ayoyidla nomndeni wakhe.
UMnuz Khayelihle Kheswa, ukhale ngokudicilelwa phansi kwesithunzi sakhe phambi kwendodana yakhe, wathu kwenziwe ngumlungu.
Ulandise wathi ngoLwesibili olwedlule, ubikelwe ngabasebenzi bepulazi ukuthi inkunzi yenkomo yakhe, athe ibingabiza uR22 000, ingene epulazini lomlungu, wayidubula yafa.
UKheswa usola ukuthi isigameko senzeka ngoMgqibelo ngasekupheleni kukaMeyi, njengoba eze wabikelwa ngaso kuleli sonto inkomo seyibolile.
“Nganikela khona nendodana yami nomunye wesilisa wasendaweni, safika sathwebula izithombe zenkomo eyayisibolile. Kuthe sesibuyela emuva sahlangana nendoda eyabulala inkomo yami, eyalivuma icala yathi uma ngithanda angihambe ngiyobika emaphoyiseni izofike ingihlule enkantolo,’’ kuchaza uKheswa.
Uqhube wathi kwathi uma ecela le ndoda ukuba imnxephezele ngesenzo sayo yathi ngeke ayibone leyo kunalokho akahambe ayothatha lento yakhe (esho izinsalela zenkomo), ayoyidla nomndeni wakhe.
Udalule ukuthi kuthe uma embuza ukuthi angayidla yini into ebolile, wathi cha, ephendula ngokukhulu ukuzethemba.
“Lo mlungu wathi esuka lapho wabe esisola ngokuthi singene ngaphandle kwemvume epulazini lakhe, ngenhloso yokuzokweba okwatapheya wase esesibizela onogada. Sathi uma sibatshela onogada ukuthi abahambe beyobheka emotweni ukuthi bakhona yini okwatapeya, abangaya,’’ kusho uKheswa.
Uthe lento kusukela yenzekile akazizwa kahle imehlisa isithunzi wathi ulivulil icala esiteshini samaphoyisa saseHarding, yize azi kahle ukuthi ngeke alibone elidlalayo enkantolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseHarding, aphenya icala lokucekelwa phansi kwempahla emva kokudutshulwa kubulawe inkunzi yenkomo, ngumsolwa owaziwayo.