UMHOLI weBuild One South Africa (BOSA), uMnuz Mmusi Maimane, uvulele icala lobugebengu obeyisikhulu esiphezulu esisanda kushiya e-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter noNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, esiteshini samaphoyisa, iCape Town Central, izolo.
Lokhu kuza emva kokuthi uDe Ruyter eveze izinsolo ezishaqisayo zokuthi kunenkohlakalo eqhubekayo kule nkampani ephehla ugesi, athe njalo ngenyanga kulahleka imali elinganiselwa kuR1billion. U-De Ruyter uveze lezi zinsolo ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nesiteshi sezindaba esikhokhelwayo sethelevishini ngeledlule.
Enkulumeni yakhe uveze nokuthi kukhona ungqongqoshe ophakathi kule nkohlakalo kanti neqembu elibusayo, i-ANC linalo lonke ulwazi ngenkohlakalo eqhubeka e-Eskom.
UMaimane uthe njengoba evule icala, ulindele ukuthi uDe Ruyter alethe ubufakazi obuphathekayo obuzokweseka izinsolo azenzile.
Uphinde wathi uyakholwa ukuthi uMnuz Gordhan noNgqongqoshe wezokuMbiwayo, uMnuz Gwede Mantashe, kufanele kube khona imibuzo abazoyiphendula ngalezi zinsolo.
“UPravin kufanele aphendule, uDe Ruyter alethe ubufakazi, uMantashe naye ubeyingxenye yeqembu ebidingida lolu daba, futhi lubuye lwadingidwa ePhalamende. Okusho ukuthi nakanjani nomengameli wezwe naye kufanele aphendule ngoba naye ubeyinxenye yeKhabhinethi, ngakho kufanele zibe khona izinyathelo azithathayo, aphinde achazele izwe ukuthi yiziphi inyathelo azozithatha,” kusho uMaimane.
Ephawula ngesenzo sikaDe Ruyter, uthe uma umuntu ephumela obala ethi kunolwazi analo mayelana nohlobo lobugebengu obuqhubekayo endaweni ethile, kufanele akulungele ukuthi alethe ubufakazi ngalezo zinsolo azenzile.
Uthe njengoba sekuvulwe icala, sekuqala uhambo lapho amaphoyisa sekufanele aqale enze umsebenzi wawo.
“Uma amaphoyisa engawenzi umsebenzi wawo, ngizodlulela phambili kumkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke ukuze ngiqinisekise ukuthi sifinyelela emsukeni wale nkinga ngoba leli yicala elibucayi ngale ndlela kufanele kuqinisekiswe ukuthi liyaphenywa,” kusho yena.
Ephawula ngolokuthi uDe Ruyter useveze ukuthi uzolifulathela elakuleli, uthe izwe nezwe linomthetho wokuthi umuntu osuke edingeka ngecala elithile abuyiswe ngezindlela ezithile ukuthi azolekelela ngokunikeza ubufakazi ukulekelela ecaleni.
NgeSonto, i-ANC ithe imnikeza izinsuku eziyisithupha ukuthi uDe Ruyter avule icala mayelana nezinsolo azivezile.