UBINGELELE iMantshi yaseThekwini owesilisa oneminyaka engu-44 obhekene necala lokubulala namabili okuzama ukubulala.
Isigameko senzeka emzini osemgwaqweni uHyder, eGlenmore entathakusa ngeSonto. Imibiko yokuqala yaveza ukuthi kuhlaselwe umndeni. Abosizo oluphuthumayo benkampani i-ALS Paramedics bafika endaweni yesigameko bathola ukuthi mathathu amalungu omndeni ahlala kuleli khaya agwazwe amanxeba amaningi futhi asesimeni esibucayi kakhulu.
“Ngesikhathi kuhlolwa abantu abalimele kubonakale ukuthi kwabalimele, kukhona owesimame oseminyakeni eko-40 obesephangalele ngenxa yamanxeba okugwazwa.
Abanye abagilwa ababili okungubaba nendodana banikwa usizo lokuqala olusezingeni ngenxa yesimo sabo esibucayi.
UGrayson James Beare oneminyaka engu-44 nguyena msolwa oboshiwe wabekwa icala lokubulala namabili okuzama ukubulala. Uvele kancane phambi kweMantshi eThekwini icala lakhe lahlehliselwa umhla ka-11 kwephezulu lapho kulindeleke ukuthi acele ibheyili.
UNatasha Ramkisson-Kara okhulumela iNPA KwaZul-Natal uthe umsolwa usazohlolwa ingqondo futhi uMbuso uhlela ukusiphikisa isicelo sakhe sebheyili.