CELANI SIKHAKHANE
S EKUNOVALO lokuthi kungenzeka ibuyekezwe indlela okwabelwa ngayo iSilo samabandla onke (esisesithombeni) imali nguhulumeni njengoba uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, ehlakaze uMnyango weziNdaba zaseNdlunkulu ehhovisi lakhe.
Lesi sinqumo sishicilelwe ngisho kwiGovernment Gazzettee ngoDisemba 12 nyakenye.
Kumanje kuthiwa abantwana baseNdlunkulu bashayana ngamakhanda kabazi ukuthi bazokwenze-njani ngalesi sinqumo njengoba bekhala ngokuthi iSilo sizophenduka inhlekisa singasenamali yokusinakekela.
Lokhu kuholele ekutheni kuhlelwe umhlangano ophuthumayo phakathi kwabaNtwana baseNdlunkululu noMchunu.
Ngisho nabaholi beDA ne-IFP eSishayamthetho kabaneme ngalesi sinqumo njengoba kukhona lapho beze baduba khona umhlangano ngonyaka odlule befuna simiswe lesi sinqumo ukuze kucaciswe kuqala ukuthi isikhwama saseNdlunkulu (Royal Household Trust) sizosebenza kanjani nokuthi sizobhekana kanjani nezidingo zaseNdlunkulu uma kuqedwa uMnyango weziNdaba zaseNdlunkulu.
ISilo besabelwe imali ebalelwa ku-R59 million kunyaka wezimali u-2013/2014 obekukhona neyokulungiswa kwezigodlo okuthe ngo-R2014/2015 yehla kancane yaba u-R55 million.
UMholi wekhokhasi ye-IFP eSishayamthetho, uMnuz Blessed Gwala, uthe kabeneme ngesenzo sikahulumeni ngoba kwabona kabaziswanga ngalesi sinqumo sasayinwa iSishayamthetho sisavalile ngoDisemba.
“Besisalinde ukuthi kulungiswe isikhwama okwakuhlelwe ukuthi sibheke izindaba zaseNdlunkulu ngaphambi kokuthi kuhlakazwe lo mnyango.
Kumanje sekucacile ukuthi iSilo sesizoba yihlaya senziwe inhlekisa ngoba imali ebisondla, ifundisa izingane ibheka nezinye izidingo zaso ngeke isaba khona ngoba uhulumeni akukho lapho ephoqwe khona ukuthi abele lesi sikhwama imali ngoba ifana nenhlangano engenzi nzuzo okumele izizamele imali,” kusho uGwala.
USihlalo weRoyal Household, uJaji Jerome Ngwenya, ukuqinisekisile lokhu wathi imininingwane ifakwe nakwiGovernment Gazette.
“Engingakusho wukuthi sibe nomhlangano ngoLwesihlanu ngalolu daba kodwa sisazolinda undunankulu asichazele ukuthi iRoyal Household Trust yona izosebenza kanjani.
Ngaphandle kwalokho akukhona ukuthi iTrust lena izokwenza zonke izidingo zaseNdlunkulu kodwa sikholwa ukuthi okunye kuzobhekana naye uhulumeni uqobo njengoba uNdunankulu esungule iChief Directorate ehhovisi lakhe ezoba nohlaka lwezindaba zoMdabu okuyilo esikholwa wukuthi luzobhekana nezinye izindaba zeSilo ngoba kunezinhlelo zaso ezifana nokuya kwamanye amazwe ezisuke zidinga uhulumeni hhayi iTrust,” kusho uNgwenya.
Esinye sezizathu esidale ukuthi kuhlakazwe uMnyango waseNdlunkulu kube wukuphathwa budedengu kwezimali njengoba kugcine sekuvela ukuthi emalini ebalelwa ku-R55 million eyabelwe iSilo asisenalutho isetshenziswe budedengu kanti kusolwa abasebenzi bakahulumeni ngalokhu.
Abanye bake baba senkingeni ngokudla u-R600 000 bezithengela ukudla kwemizi yabo kodwa kuthiwa ngokweSilo, nokho azikho izinyathelo abathathelwa zona.
Okhulumela undunankulu, uMnuz Sbusiso Magwaza, uthe akanalo ulwazi ngalolu daba wacela ukuthi kuthintwe uMnuz Thami Ngwena okhulumela uhulumeni kodwa wangatholakala.
USihlalo wekomiti laseNdlunkulu eSishayamthetho uNkk Bongi Sithole-Moloi uthe kuzoba nomhlangano ngoLwesithathu abakholwa ukuthi yiwona abazochazelwa kuwo ngalolu daba ngoba yena ubengenalwazi.
Okukhalisa amaqembu aphikisayo wukuthi lolu daba bekumele lubhungwe yikomiti bese lidluliselwa ezithebeni zeSishayamthetho luxoxwe khona ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo.
Lokhu bathi akwenzekanga ngoba kwasayiwa bengazi kugunyazwa ukuvalwa kwalo Mnyango.
Uvalo olukhona olokuthi lolu hlaka oluseHhovisi likaNdunankulu kungenzeka lwabelwe imali engafike ngisho ku-R5 million ukuze lusebenze bese kuthi isikhwama saseNdlunkulu sizibonele ukuthi sizoyenza kanjani imali njengoba singenabo ngisho abasebenzi.