UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal bubukele ebuholini bukazwelonke bawubambela enkundleni encane umcimbi wokugubha usuku okwasungulwa ngalo le nhlangano.
Umcimbi waKwaZulu-Natal ubuKwaCaluza, eMgungundlovu, enkundleni encane kunezinkundla ezijwayele ukusetshenziswa i-ANC uma yenza imicimbi yalolu hlobo.
Uma i-ANC inomcimbi walolu hlobo eMgungundlovu ibivamise ukusebenzisa inkundla iHarry Gwala.
Umcimbi kazwelonke nawo wawusenkundleni encane, elokishini iKhayelitsha, eCape Town.
Lena bekuyiJanuwari 8 yokuqala lapha KwaZulu-Natal kusukela le nhlangano yagileka igoda okhethweni lwangoMeyi.
I-ANC yasuka ekubeni iqembu elibusayo yaba yiqembu lesithathu ngobukhulu, isuka ku-54% yaya ku-17% emiphumeleni yokhetho.
IPhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, lithe bebehlelele abantu abancane kakhulu kunalabo abafikile emcimbini wayizolo.
UNksz Simelane uthe bona bebehlelele abantu abangu-5 000, kodwa wathi kugcine kufika abangu-25 000.
“Besithi nje thina sizozixoxela nabantu abangu-5 000, kodwa bantu balapha eMgungundlovu bathi sinamanga, bavele bafika ngezinkani. Abantu abalapha enkundleni kanye nangaphandle kwenkundla bangu-25 000.”
UNksz Simelane uthe besaqala ukuhlela umcimbi babethi bazosebenzisa ihholo, uthe baphoqelekile ukuba bashintshe izinhlelo zabo ngemizuzu yokugcina.
“Ubuholi be-ANC esifundeni iMoses Mabhida basexwayisa ngesikhathi sisahlela. Bathi yebo singasho ukuthi sifuna abantu abangu-5 000, kodwa kungenzeka kufike abantu abangaphezu kuka-5 000 ngoba abantu balapha bayayithanda i-ANC. La matende siwafake manje ekuseni ngoba sibona ukuthi ilanga liyashisa nokuthi abantu baningi.”
Amalungu e-ANC aqungele ilanga ebelikhipha umkhovu etsheni izolo.
Obhazabhaza bamatende amabili abesenkundleni abegcwele phezulu, kukhona nabantu abebehleli ngaphandle kwawo.
Bekuphinde kube netende elincane ebelihleli izicukuthwane.
Nokho abantu abaningi bahlulekile ukubekezelela ilanga njengoba abanye behambe umcimbi ungakapheli, abanye bebekhosele ngaphansi kwezihlahla ezingaphandle kwenkundla.
Umcimbi ubuhanjelwe abaholi be-ANC ezingeni likazwelonke, esifundazweni kanye nabaqhamuka ezifundeni.