AHLALELE ovalweni amavolontiya agade ubugebengu eNanda emva kokubulawa ngokudutshulwa kwelungu lawo lisebenza ngoMgqibelo.
UMnuz Moses Mbanjwa, obewusihlalo wamavolontiya agada ubugebengu endaweni eyaziwa ngokuthi yise-604 eNanda udulawe esemsebenzini wokuqapha ubugebengu ebusuku ngoMgqibelo.
UNksz Ntathu Mazibuko uthe uMbanjwa ubethola izinsongo zokuthi akaqede uhlelo lokugada ebusuku ngoba yena nethimba lakhe baphazamisa izigebengu endaweni.
"Sihlala ngokusatshiswa sonke. Wathi uma ebika ngalokho, sangakushaya mkhuba ngoba siphila ngakho sonke. Sikholwa wukuthi umsolwa ubehlale emgadile, wathi uma ethola ithuba walisebenzisa.
UMbanjwa udutshulwe esendleleni eyosiza elinye ithimba eliseDube Village ebelicele usizo, ukuze kubanjwe owesilisa obehlukumeza unina.
Basuke endaweni abagada kuyo bahamba ngezinyawo beya lapho bebedingeka khona. Ubehamba phambili, abesifazane agada nabo bebemlandela buqamama ngoba ubephuthuma ukuyolekelela.
Ngaleso sikhathi ugesi ubungekho. Kuzwakale kuqhuma isibhamu. Mina bengisekhaya, ngazitshela ukuthi kukhoba obanjwa inkunzi kanti useyadutshulwa. Sisola ukuthi udutshulwe ngomunye wabantu abebelokhu bemsongela," kusho uNksz Mazibuko.
Uthe njengamanje basethukile futhi badidekile.
"Okwamanje angikazi ukuthi lo msebenzi uzoqhubeka noma cha endaweni abegada kuyo ngemuva kwalesi sigameko. Kubuhlungu ukuthi sihlaselwa wumphakathi okuyiwona esiwuvikelayo," kusho yena.
UMnuz Andile Jali, usihlalo weNeighbourhood Watch, eThekwini, uthe okwenza ukuthi kube lula ukuthi balinyazwe wukuthi kabanazo izinsiza ezanele ezifana nezimoto. Bahamba ngezinyawo. Basalinde usizo abaluthenjiswe yihhovisi likaNdunankulu.
UCol Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthe kudutshulwe owesilisa oneminyaka engu-52 eDube Village. Amaphoyisa aphenya icala lokubulala.
Khona manjalo eMatendeni kubulawe ngokugwaza uMnuz Bheki Phungula entathakusa ngeSonto.
Kuthiwa uPhungula uphume ekhaya eyothenga isiphuzo, watholakala egwaziwe eseshonile.
Umfowabo uVuyani, uthe ngoMgqibelo umfowabo ubebungaza usuku lokuzalwa nomndeni, bengalele, entathakusa wathi uhalela idrinki wahamba wayoyithenga, wangabe esabuya watholakala egwaziwe eseshonile.
" Sisola ukuthi omgwazile ubefuna iselula futhi ubezitshela ukuthi uzothola iselula esezingeni eliphezulu ngoba umfowethu ubewumuntu wamathenda. Sibuhlungu siwumndeni ngoba newele lakhe lashona ngendlela efanayo kuyo le ndawo. Kuvuke isilonda uma naye esibulawa ngendlela efanayo," kusho uPhungula.