USEHAMBA ethuka izanya ngenxa yezinsolo ezibhekiswe kuyena unina wowesifazane owadutshulwa wabulawa kwaboshwa umyeni wakhe oyisosha.
UNkk Gwen Msane ongunina kaNkk Tania Msane-Zungu, uthe njengoba sekusondela ukuqala kokuqulwa kwecala usebekwa amabala, yonke into embi ibhekiswe kuyena.
Ukhale ngomndeni wesosha lombutho wezokuvikela kuleli elingummangalelwa, uMnuz Lwanda Zungu, athe umsola ngezinto eziningi.
“Amakhadi asebhange nezimpahla zikammangalelwa ezathathwa kuthiwa zikumina,” kubalisa uNkk Msane.
Ubekade evevezela, amehlo ebomvu ebambe izinyembezi, eqalaza nasemaceleni ngesikhathi enekela intatheli usizi kwakhe.
Uthe lezi zinto asolwa ngazo okubalwa namakhadi asebhange, kwathathwa odadewabo bakaZungu kodwa manje sekukhonjwa kuyena.
“Kwayena ubaba wabantwana (uZungu) ubengabhekani nomndeni wakhe kodwa ngoba esenze le nto (esolwa ngokubulala), usehlangene nawo, balwa nami,” kuchaza uNkk Msane.
Uthe uma eza enkantolo bakhona abamkhaphayo kodwa akasuki nabo eMlaza, lapho ehlala khona.
UNkk Msane uthe udinga ukuvikelwa, kube khona umuntu omlandayo eMlaza, ambuyisele khona emuva kwecala ngoba uyasaba.
Lo wesifazane uze wacela iphoyisa elingumphenyi wecala ukuba aphume nalo enkantolo, egajwe uvalo.
UZungu usolwa ngokubulala umkakhe ngokumdubula amahlandla ayisithupha emqaleni nasesifubeni ngoJanuwari, nonyaka.
UMbuso usola ukuthi wakwenza lokhu phambi kwezingane zakhe benoNkk Msane, maqede wabaleka. Wanyamalala emuva kwesigameko, kwadlula izinsukwana wazinikela emaphoyiseni eqhutshwa ummeli wakhe.
Inkantolo yasichitha isicelo sakhe sebheyili.
NgoLwesibili, ubekade evele phambi kweNkantolo yeMantshi yasePinetown okuyiyona ezolalela icala lakhe.
Icala libuyela kule enkantolo ngoSepthemba 3, ukuze kwenziwe izethulo zokuqala zokuqulwa kwecala.
Laba abashadene banezingane ezimbili ndawonye. Phambilini, uNkk Msane wathi uZungu wayeyihlukumeza indodakazi yakhe kwaze kwaba ugcina eyibulele.
Ngakolunye uhlangothi, abakubo kaZungu basola umufi ngokuphinga nomuntu wesilisa obesondelene kakhulu nalo mndeni, nokuyinto abathi yanenga kakhulu ummangalelwa.
Njengenjwayelo uZungu, oqatha ngomzimba, ungene enkantolo eshesha. Ubegqoke isikibha esimhlobhe nebhulukwe elikuhlaza namateku.
Ungena enkantolo ame phuhle adedele izingalo. Akatolikelwa kwazise usuke ekuzwa njengoba kunjalo okusuke kukhulunywa ngesiNgisi enkantolo.