Mbali Khanyile
UNonkasha oseke wasebenza nezinkakha okubalwa phakathi kwazo uMaqhinga Radebe, Phuzekhemisi nezinye abegida nazo, kusolakala ukuthi bese kuphele izinsuku eshonile njengoba kuthiwa utholwe endlini abeqashe kuyo eBonela, eThekwini, sekukubi, iphunga lesidumbu sakhe liqandula.
Ethintwa uMaqhinga obese kuphele iminyaka esebenza noNonkasha uthe, bafe olwembiza emculweni kamaskandi ngokushona kwalo mculi obekhombisa ukuzinikela kulo mkhakha.
“Sisebenze kakhulu noNonkasha, kusukela sisazama impilo sisebenzela izinkampani zaseThekwini. Nasemculweni singene kanyekanye. Okungiphatha kabi wukuthi izinhlelo ebenginazo naye zifile njengoba bengizimisele ngokusebenza naye,” kubeka uMaqhinga.
Uthe abekuthanda kakhulu ngalo mculi wukuthi ubengalilahli ithemba emculeni, yize kunezingqinamba .
Ngesikhathi ethintwa uPhuzekhemisi oke wasebenza noNonkasha uthe kubuhlungu kakhulu ukuhamba emhlabeni komculi obekhombisa ukuzimisela kakhulu.
“Ngidabukela umndeni wakhe kakhulu ngoba ubengumuntu obezimisela kwakwenzayo,” kubeka uPhuzekhemisi.
UNonkasha igama lakhe langempela okunguBonginhlanhla Gumede. Waqopha umlando enqoba emncintiswaneni weShell Road To Fame ngama-90’s ubeseqophe i-albhamu entsha esihloko esithi Umkhonto Wesizwe nabeselindele ukuyethula kubalandeli bakhe. Kanti elinye lamacwecwe aseke awaqopha lithi Ubuhle Bendalo.
Umfowabo, uSoniso Gumede, nokunguye ozithele phezu kwesidumbu sakhe uthe emuva kokuthi kuphele izinsuku engaluphenduli ucingo lwakhe, uthintwe umndeni ukuthi ayobheka umfowabo.
“Ngimthole esethuli endlini futhi kunezinkomba zokuthi ubesenezinsuku eshonile. Okubuhlungu wukuthi ubengenazo izimpawu zokugula futhi ubephezu kwezinhlelo zokwethula icwecwe lakhe elisha abeseqede ukuliqopha,” kukhala uGumede.