UTHEMBISA ukuqinisa ezokuvikelwa kwemali uNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni neNgqalasizinda uMnuz Dean Macpherson, emva kokwebiwa kukaR300 million emnyangweni.
Le mali uveze ukuthi yebiwe eminyakeni engu-10 edlule.
Esitatimendini uveze ukuthi kusengenzeka inyuke imali eyebiwe emnyangweni.
“Uphenyo mayelana nokwebiwa kwale mali luyaqhubeka. Le mali yebiwa kusetshenziswa ubuchwepheshe kanti lolu daba silubike ezinhlakeni zokuphepha ezehlukene okubalwa oKlebe, emaphoyiseni, iState Security Agency nongoti kwezobuchwepheshe.”
Uthe isehlakalo sakamuva sokwebiwa kwemali senzeke ngoMeyi nonyaka.
“Kulesi sehlakalo kwebiwe uR24 million. Kucacile ukuthi izigebengu zithole inkundla yokudlalela emnyangweni. Yinto okumele engabe kade yabanjwa. Kuyacaca ukuthi kudingeka siqinise amabhawodi ezintweni ezithinta imali emnyangweni, yinto okumele siyenze ngokushesha.”
Zine izisebenzi zomnyango ezisemazingeni ahlukene okuphatha ezimisiwe mayelana nalolu daba kanti kushaqwe nama-laptop angu-30.
Uveze ukuthi abakwazi ukuvumela izinswelaboya zizixebulele umkhoma emalini yabakhokhi bentela.
“Yimali okumele ngabe isebenza ukuphucula ingqalasizinda ezweni. Uphenyo lwethu luzobheka yonke indawo, sifuna ukubamba ongqondongqondo nalabo abahlomulayo kulokhu kwebiwa kwemali. Ngifuna ukubabona betholoza ejele,” kusho uMacpherson.
Unxuse abenza uphenyo ukuthi balusheshise ukuze bavale lesi sahluko.
Lo mnyango phambilini wamemezela ukuthi wenza uphenyo mayelana nezimbobo ezikhona ezintweni ezithinta ubuchwepheshe.
Waveza ukuthi usebenzisana nezinhlaka ezehlukene okubalwa ibhange i-Absa nebhange lombuso, iSouth African Reserve Bank, ukulwa nale nkinga yokuba ntekenteke kohlelo lwalo mnyango oluthinta ubuchwepheshe.