KUBOSHWE umlisa (28) waseMandeni ngecala lokweba izinkomo zikamzala wakhe ngoba emsola ngokungamkhokheli imali yakhe.
Lo mlisa ovele izolo enkantolo kuthiwa wabanjwa oqotsheni nezinkomo ezine zikamzala wakhe ngoMsombuluko ekuseni emuva kokuthi kubikelwe amaphoyisa ukuthi zinyamalele. Kuthiwa izinkomo zazishiywe ngosuku olwandulela lesi sigameko emasimini ebezidla kuwona ngoba kungekho obengazilanda.
UMnuz Bonginkosi Mthethwa (36) wasoHwebede, eMandeni uthe kuthe umzala wakhe esebanjiwe wathi izinkomo uzithathe ngoba ethi umsola ngokungamkhokheli imali abemakhela ngayo yize wayengakhelwa nguye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi lo mlisa uboshwe ngecala lokweba.
Uthe kwavela ukuthi kunezinkomo ezine ezebiwe yilo msolwa owaziwayo umndeni. Lo mlisa kuthiwa uvele enkantolo yeMantshi eMthunzini izolo.
UMthethwa onezinkomo eziyisithupha okubalwa kuzo nalezi ebezebiwe uthe besezike zaba khona izigameko zokwebiwa kwezinkomo kodwa kungaboshwa muntu. Ngokusho kwakhe, umsolwa wabanjwa amalungu omphakathi emuva kokuthi ezame ukushayela ucingo omunye umlisa ethi uzomdayisela izinkomo bese embhansela. Uthe izinkomo zakhe ezine wazikhiphela imali elinganiselwa kuR37 300. Uthe akazi ukuthi umsolwa ubehlose ukuzidayisa ngamalini njengoba kuzwakala sengathi ubephuthuma ukuzidayisa.
Ubonge amaphoyisa ngokuphuthuma ngesikhathi kubikwa ngalesi sigameko njengoba ethe ubengafa nokufa uma bekuthiwa izinkomo zakhe zitholakale zibulewe. “Ngenza umsebenzi wokuba ngunogada. Angiholi imali engako, kwale mali ebengithenga ngayo izinkomo bengiyibeka kuze kube ngiyakwazi ukuzithenga. Bengilokhu ngibeka ngizitshela ukuthi ngiyozisebenzisela ukulobola ngelinye ilanga.”