UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe kunesandla semfene ekucinyweni kukagesi okuqhubekayo kuleli.
URamaphosa uthe uzothathelwa izinyathelo zomthetho okuzotholakala ukuthi wenza lokhu.
Ukhulume kanje izolo esithangamini sabezindaba ekomkhulu lakwa-Eskom eMegawatt Park, eGoli, mayelana nodaba oluthinta ukucinywa kukagesi kuleli okuqhubekayo.
URamaphosa uthe inkinga enkulu i-Eskom ebhekene nayo idalwe ngumuntu osebenza kwa-Eskom ocishe umshini othize okuholele enkingeni yokucinywa kukagesi.
“Kuzomele kuphenywe ngalowo ocime umshini othize, oholele ukuba kube nogesi ongu-2 000MW olahlekile esikhathini esingamahora angu-10. Lokhu kukhomba ukuthi ubefuna ukucekela phansi i-Eskom. Nalabo abantshontsha amakhebuli bayengeza enkingeni kagesi, kumele baboshwe,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uxolisile kubantu bakuleli ngale nkinga yokucishwa kukagesi wathi abakwa-Eskom bamthembisile ukuthi bayazama ukuqhamuka namaqhinga okulwa nale nkinga.
“Abakwa-Eskom bangithembisile ukuthi kusukela ngoDisemba 17 kuya kuJanuwari 13 ngonyaka ozayo, kuzophela ukucishwa kukagesi kuleli. NgoKhisimusi ngeke ugesi ucishwe. Empeleni sifuna kuze kube uMashi ngonyaka ozayo ugesi ungacishwa,” kusho uRamaphosa.
Uthe ube nomhlangano nabaphathi kwa-Eskom nebhodi abamchazelile ngenkinga. “Phakathi kwezinto abazichazile ukuthi ziholele ekucinyweni kukagesi, kube yimvula ephazamise amalahle. Udaba lwezikhungo eziphehla ugesi sezindala, ezinye zineminyaka engu-55, ngakho ziba nenkinga yokusebenza ngendlela. Ezinye iziphehlimandla ezintsha iMedupi neKusile zakhiwe zaba nezinkinga okuphoqe ukuthi bazilungise njalo.
Uthe kumele kwandiswe nonogada namakhamera ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi kuphephile kwa-Eskom.
UMengameli ushiye abakwa-Eskom nomyalelo onzima ukuba kungabi khona umphathi noma isikhulu esizoya eholidini ngoKhisimusi kuze kuba udaba lokucinywa kukagesi luyalunga.
Uthe abaphathi kumele beyeke ukukhombana omunye avikele iso lakhe uma kunezinkinga e-Eskom kodwa wonke umuntu awumele umsebenzi wakhe .
URamaphosa uthe umhlangano olandelayo kwiKhabhinethi kuzokhulunywa ngamaqhinga azolekelela ukuqeda izinkinga ezikhungethe i-Eskom zokucima kukagesi.
Njengamanje izinga likagesi liku-68%, uRamaphosa uthe bafuna likhuphuke lifike ku-75%.
URamaphosa uthe bekumqoka ukuba abuye ohambeni lwase-Egypt ukuzobhekana nale nkinga.
URamaphosa uthe uwubeke ezandleni zikaNgqongqoshe woMnyango wezamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan umsebenzi wezinkampani ezizimele eziphehla ugesi.
Uthe kwamthusa ukukhushulwa kwesigaba sokucinywa kukagesi kwafinyelela esigabeni sesithupha ngoMsombuluko.