AZOKANISA izinyangana ezimbalwa ezikhungweni zemfundo ephakeme amahhovisi angomahamba nendlwana esikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, i-National Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ukusiza abanezinkinga ngesikhathi sokubhalisa.
Akuzoba amahhovisi kuphela azoba sezikhungweni kodwa nezikhulu zoMnyango wezeMfundo ePhakeme zizohambela izikhungo ezehlukene zihlola isimo uma sekubhaliswa.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, emcimbini wokuhalalisela abafundi baKwaZulu-Natal abenze kahle kwa-matric eThekwini muva nje.
UDkt Nkabane udalule ukuthi sebekulungele ukwamukela izitshudeni ezizofunda kulezi zikhungo kulo nyaka.
Ukubhalisa ezikhungweni eziningi kuqala ngasekupheleni kwale nyanga. Ukufunda nokufundisa ezikhungweni kuqala ngenyanga ezayo.
“Njengoba izitshudeni zizoya ezikhungweni zemfundo zizowafica amahhovisi angomahamba nendlwana e-NSFAS. La mahhovisi azozinza kulezi zikhungo asize labo abanezinselelo uma sekubhaliswa. Abasebenzi ababili be-NSFAS abazobe besezikhungweni bazogxila ezintweni ezithinta izindawo zokuhlala.”
Kuzokhumbuleka ukuthi indaba yokuhlala izitshudeni ike yaba inkinga ezikhungweni ezehlukene. Izitshudeni eziningi bezigcina zixoshwa omastende ngoba zingakhokheliwe futhi zingazitholi izimpendulo ngesikhathi kwi-NSFAS.
UDkt Nkabane uthe njengoba ukufaka izicelo zoxhaso kwi-NSFAS kwavalwa ngoDisemba 15 ngonyaka odlule, bathola izicelo ezingu-895 916.
“Kulezi zicelo sisaxhase abangu-676 317, simatasa nabasele ngoba sisalinde izinto ezithile. Siyibeke eqhulwini eyokuxazulula eyabangakazitholi izimpendulo zoxhaso.”
Uveze nokuthi bathole izicelo ezingu-17 246 zalabo abaziwa nge-missing middle, abazali babo abahola kakhulu ngakho abangakwazi ukuthola umfundaze kwi-NSFAS.
Uthe laba bazobolekwa imali yokufunda, wathi bahlela ukuthi babe sebebaphendulile ngenyanga ezayo.
“Siyibeke phambili nendaba yalabo abafake izimangalo ngoba bengaxhaswanga yi-NSFAS. Sihlela ukuphothula indaba yabo ngasekupheleni kukaMashi ngoba asifuni kube khona abazosala.”
Izinhlangano zezitshudeni sezikhale kakhulu ngendaba yokuphuza ukuphendula kwe-NSFAS kulabo abasuke befake izimangalo.
UDkt Nkabane unxuse abebenza u-matric ukuthi bakhethe imikhakha ezobenza ukuthi bakwazi ukuvula amabhizinisi abo ukuze babe abaqashi.
“Ngiyanxusa kwabebenza u-matric ukuthi bakhethe imikhakha ehambisana nokudingwa ngumnotho wakuleli. Ngaleyo ndlela sizokwazi ukuvala igebe elikhona, sakhe namathuba omsebenzi. Eminye yale mikhakha ngethinta ukuvula amabhizinisi ukuze ngomuso nikwazi ukuba abaqashi,” kusho uDkt Nkabane.