KUSE ngokunye ngoLwesine kuboshwa inkabi ethinteka ecaleni lokubulawa kwephoyisa.
Lo mlisa oneminyaka engu-36 uvinjezelwe oKlebe eMpolweni, eMgungundlovu.
Ukuboshwa komlisa kulandela okwephoyisa laseMzimkhulu, elaboshwa lisemsebenzini ngoNovemba 25, 2024 ngesikhathi kuphenywa icala lokubulawa kwengoduso yalo eyiphoyisa uSergeant Ntombi Mbanjwa (33). Bobabili babesebenza esiteshini samaphoyisa eMzimkhulu.
USergeant Ntokozo Mngqithi (34) ubhekene necala lokubulala ingoduso yakhe eyatholakala idindilizile ngemuva kokubulawa ngumsolwa ongaziwa ngo-Ephreli 2024.
Kuthiwa ngo-Ephreli 11, umufi wayesendlini yakhe eMzimkhulu, ngesikhathi edutshulwa ngumuntu ongaziwa. Akekho owayekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko waze watholwa nguSergeant Mngqithi ngesikhathi ebuyela ekhaya ngalobo busuku.
Icala lokubulala labikwa esiteshini samaphoyisa eMzimkhulu, ladluliselwa koKlebe ePort Shepstone. Kwenziwa uphenyo olunzulu kwalandelwa umkhondo wabasolwa. Lokhu kuholele ekuboshweni kukaSergeant Mngqithi.
Leli phoyisa lavela kancane eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu, lagcinwa esitokisini kuze kube wukuthi licela ibheyili. Icala lahlehliselwa kuDisemba 3, 2024 ukuze acele ibheyili.
Inkabi eboshiwe ibekwe icala lokubulala kanti izovela enkantolo yeMantshi eMzimkhulu ngoJanuwari 17.