UBALISA ngeminjunju ayizwayo owesifazane waseMadundube, eMbumbulu ngokubulawa komyeni wakhe obeyiphoyisa eselathatha umhlalaphansi.
UNkk Zilungile Makhanya ubalisa ngokudutshulwa kukaMnuz Joachim Makhekhe Makhanya (65) okuthiwa uhlaselwe esemzini wakhe eMbumbulu.
UNkk Makhanya uthe umufi ubeqeda kugeza ngesikhathi kuthushuka indoda engazange ibuze lutho yamane yamdubula wawela khona lapho.
Uthe indlela ebimdubula ngayo bekubonakala ukuthi yenza isiqiniseko sokuthi akasindi.
“Ngikutshela ukuthi le ndoda imdubule wawa phansi. Isidumbu sakhe sagingqika saze sayofika ekugcineni kwegceke. Ushonele khona lapho,’’ kuchaza yena.
Uthe indawo yokugezela ingaphandle komuzi. Uthe bebekade begeza bobabili ngesikhathi edutshulwa.
Noma iyinye indoda ebonakale idubula amahlandla amaningi ibhekise kumufi, kodwa uthe kukhona abanye besilisa ababili ebebekhona.
“Owomndeni uthe uwabonile amanye amadoda amabili egcekeni abekade ehambisana nalo odubulile,’’ usho kanje.
Uthe okumhlukumezile ukuthi lesi sehlakalo senzeke phambi kwakhe.
"Ingihlukumezile kakhulu le nto indlela eyenzeke ngayo,’’ usho kanje kuzwakala ukuthi ukhathazekile emoyeni.
Uthe iminjunju yokubulawa komyeni wakhe phambi kwakhe isekude ukuphela.
Kuthiwa umufi uzamile ukubaleka kodwa wagcina ewa phansi. Kuvela ukuthi udubuleke esifubeni, esiswini nasengalweni yangakwesokudla, ethangeni kwesokudla, umlenze wangakwesobunxele kuthiwa uphukile futhi ubumbobombobo yizinhlamvu.
Egcekeni kuthiwa kutholakale amagobolondo ezinhlamvu amahlanu.
Ukhala ngokuthi kuduma ikhanda kuyena njengoba engazi ukuthi siyini isizathu sokubulawa komyeni wakhe.
“Akukho nje nokuncane esingathi siyakusola ngabe siqamba amanga aluhlaza,’’ usho kanje.
Uchaze umufi njengowesilisa obengenazo izitha kodwa engumuntu obechitha isikhathi esiningi ngokuzivocavoca.
Uveze ukuthi umufi wathatha umhlalaphansi emaphoyiseni ngo-2016.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMbumbulu aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa.