SIBE muncu isimo emndenini wakwaDube eMagabheni, eMkhomazi, kulandela ukutholakala kwesidumbu somfana wakhona ominze ebhukuda emfuleni wendawo.
UWandile Dube (16) kuthiwa ubonwe ngamalungu omndeni wakhe nomphakathi evela kancane ngaphesheya komfula ngoMsombuluko ekuseni. Ubeminze kulo mfula ngeSonto kade ehambe nabanye abafana bendawo abambalwa ukuyodoba.
Ngokusho kukaninomncane, uNksz Sindisiwe Dube, obezwakala ukuthi udangele ngesigameko, uWandile wenze okungajwayelekile ngeSonto ephutha ukuya enkonzweni, waya emfuleni ukuyodoba.
Uthe yena uvuke walungiselela ukuya esontweni njengenjwayelo ngethemba lokuthi amanye amalungu omndeni azomjoyina.
Uthe unina kaWandile uthe uzizwa ebhocobele, kungavumi ukuthi aye esontweni.
“Ngiqhubekile mina nokuya esontweni, ngamshiya uThuli (unina kamufi) ephumule ngaphansi kwesihlahla ekhaya,” kusho uNksz Dube.
Uthe basola ukuthi uWandile naye usale washintsha umqondo ngokuthi ahambe nabangani ukuya emfuleni.
“Ngesikhathi abangani bakhe abehamba nabo befika bezobika ekhaya ukuthi useminzile, uThuli uveze ukuthi yena ubezitshela ukuthi uWandile uye esontweni njengoba ubengekho ekhaya kanti ungumuntu waziwayo ukuthi akeze engaphutha esontweni,” kusho uNksz Dube.
Uthe uma bebalandisa abangani bakamufi, bathe bafike badoba ngesikhathi emfuleni.
Uthe kuthe ngokuhamba kwesikhathi umufi wakhetha ukulushiya lumile udobo, wangena emanzini wabhukuda.
Uthe kuhambe isikhashana oyedwa wabangani wamjoyina uWandile emanzini, babhukuda bobabili.
Uthe lo mngani ubuye waphuma yena emanzini, kwathi emva kwesikhathi, waqaphela ukuthi uWandile uyaminza, kulandela ukungenisa komfula ngokuphazima kweso.
“Umngani ungenile emanzini wazama ukumhlenga uWandile kodwa wezwa esinda, engadonseki, kucaca ukuthi ngathi kukhona okumdonsayo ngaphansi kwamanzi,” kusho uNksz Dube.
Uthe umngani uphuthume ekhaya eyobika ngesigameko, kwabizwa abezimo eziphuthumayo, abamcinge kancane kwathi sekuhwalala babayalela ukuthi abaqhubeke nokuhlala eduze komfula imizamo yokucinga uWandile ingakaphumeleli.
“Bathe ngoba amanzi afudumele, kuzokwenzeka ukuthi abonakale esentanta ngaphezu kwawo,” kusho uNksz Dube.
Uthe bayasola ukuthi bese bembonile lapho ebambeke khona ngaphansi kwamanzi kodwa kwanzima ukumlanda ngoba umfula unenyoka.
“Silale khona emfuleni sibhethe izingubo zokulala, sibase nomlilo. Kuthe ngezikhathi zasekuseni amanye amalungu omndeni ambona ngaphesheya, wakhishwa ngezithuba zawo-9 ekuseni namuhla (esho izolo),” kusho uNksz Dube.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo i-IPSS Medical Rescue, uNkk Samantha Meyrick, ukuqinisekisile ukuthi isidumbu sikaWandile basitakule izolo ekuseni.
Uthe lokhu kuze emva kokuthi bona (IPSS) nabanye abatshuzi bakwezinye izinkampani namaphoyisa bebuyele endaweni yesigameko izolo kulandela ukumisa kwabo ukucinga ngeSonto ebusuku ngenxa yokuthi bese kumnyama, kungasabonakali kahle.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko, wathi umfana ucingwe uphiko lwamaphoyisa, iPort Shepstone Search and Rescue, K9 Unit nabanye.