ABONGA kusile amalungu ayisishiyagalombili omndeni wakwaNdwandwe, KwaNongoma, KwaMandlakazi, esigodini sakwaMnamunde, ahlala ezindlini ezimbili zodaka - isimo sazo esingesihle, nokubonakalayo ukuthi uphahla lwazo lungadilika noma yinini.
UNkk Easter Ndwandwe (74) obambisene nomyeni wakhe uMnuz Phazamisa Ndwandwe (75), ukukhulisa nokunakekela abazukulu babo abane nendodana yabo ena-48 ephila nokukhubazeka, uthe babonga uma kuse bephila njalo ekuseni kulesi simo esibi abaphila ngaphansi kwaso.
“Sibi kakhulu isimo esibhekene naso lapha ekhaya, kangangokuthi sihlale sisovalweni njalo uma kwenzeka imvula ina ngoba izindlu esihlala kuzona zingadilika noma yinini ngenxa yendlela eziyiyona.
“Okubuhlungu kakhulu wukuthi sibadala mina nobaba wekhaya, asisenawo amandla okuzakhela indlu elungele ukusimumatha sonke - nakuba siyaphila nje, sisizwa yimali yempesheni ephelela ekudleni,” kuchaza uNkk Ndwandwe.
Eqhuba, uthe kubaphatha kabi ukubona iziphathimandla zomphakathi zilushaya indiva udaba lwabo, kangangokuthi sebeze baba yihlaya emphakathini abakhe kuwona.
“Ngakho siyafisa ukuthi kube khona imizamo eyenziwayo yokuthi sakhelwe indlu esizokwazi ukuhlala kuyona ngokukhululeka, noma okungenani siyiswe kwenye indawo ephephile nelungele ukuhlala abantu, hhayi la mafuku esibhace kuwona,” kunxusa uNkk Ndwandwe kuzwakala ukuthi imphatha kabi le ndaba.
Imizamo yokuthinta ikhansela le-IFP ku-ward 3 lapho okwakhe khona umndeni wakwaNdwandwe, uMnuz Bonga Ndwandwe, ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe beluvaliwe, wangawuphendula umyalezo awuthunyelelwe nge-WhatsApp.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezokuSebenza kukaHulumeni nokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Mlungisi Khumalo, uthe bazoxhumana neziphathimandla zomkhandlu waKwaNongoma, ukuxoxisana ngokuthi bangalekelela kanjani ukuxazulula le nkinga.