USALE egade abafundi ngesikhathi othisha beduba ukufundisa, uthishanhloko wasesikoleni Umbambangwe High KwaFelekisi, eManzimtoti, abamsola ngokuhlukumeza nokuqhuba intwala ngewisa.
Othisha okuvele ukuthi bevile kwabangu-20, bavuke bayoqhinqa emahhovisi omhloli kwiSekethi eMbumbulu, befuna umnyango ungenelele ngabakubize ngokuphathwa ngesandla sensimbi nokuhlukunyezwa.
Uthisha ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe ithumba liqhumbuzwe ukuvulelwa icala kukazakwabo othandana nabobulili obufana nobakhe ngaphakathi emnyangweni. Icala avulelwe lona elokukopelisa abafundi bakaGrade 12 iGeography ngesikhathi kubhalwa izivivinyo zikaJuni nonyaka, ngaphambi kokuvalwa kwezikole.
“Sekunesikhathi emsebenzisa kabuhlungu, emnyanyela indlela ayiyo, kanti ubevele enyamanambana kuthishomkhulu selokhu afika ngo-2019. Esanda kuqashwa besehhovisi, uthishomkhulu waphimisa amagama abuhlungu, wathi uzothatha amadoda abantu esikoleni ngoba uyisitabane,” usho kanje.
Uthe isenzo sokuhlukumeza othisha yinto uthishomkhulu ayiqala efika ngo-2016, ebadelela engabazi nokuthi bayini.
Uthe kamuva nje, ngaphambi kokuvalwa kwezikole, usole othisha ngokumthakatha emva kokuthi ethe uthole inkalankala ifile emnyango wehhovisi lakhe, wathi lokhu kuholele ekutheni anqume ukulawula abangena ehhovisi lakhe elibuye libe nezinsiza ezibalulekile zesikole. Uthisha ukhale ngokuthi lesi senzo sikathishanhloko siphazamise ukufunda kwezingane ezenza uGrade 12 ngamaholidi asebusika ngenxa yokuthi othisha bebengakwazi ukusebenzisa umshini wokufothokhopha.
Kuthintwa uthisha okuthiwa uvulelwe icala okuvumile ukuthi uthandana nobulili obufana nobakhe, unqabile ukuphawula ngalolu daba athe imigomo ayimvumeli kodwa wakuqinisekisa ukuthi likhona icala elifakwe emnyangweni nguthishanhloko oluthinta abafundi.
Umthombo weSolezwe uqinisekise ukuthi othisha bahlangane nabaholi bezinyunyana egatsheni nomnyango ngenhloso yokuveza indlela abaphethwe ngayo. Uthe umhloli ubekhona kulo mhlangano wathembisa ukulidlulisela emahhovisi omnyango ezingeni lesifundazwe lolu daba. Umthombo uthe bazamile ukukhuluma nothishanhloko kodwa akekho okwazi ukumsola ingcaca kubona ngoba uma uphikisa akushoyo uyakunombola bese ekuhlukumeza emsebenzini.
Uthe uma umnyango ungangeneleli, bazoqhubeka othisha nokungalubhadi esikoleni, bavukele ukuyoqhinqa emahhovisi.
Kuthintwa uMnuz Sibongiseni Xulu (uthishanhloko), ukhombise ukushaqeka ngalolu daba, wakhala ngokuthi umthetho womnyango awumvumeli ukuthi aphawule kwabezindaba.
“Ukube bekuthiwa mina njengendoda nje yakwaXulu angiziphendulele bengizophawula, manje ngoba nginguthishomkhulu angikwazi ukuphawula, umgomo womnyango awungivumeli,” usho kanje.
Kushaye isikhathi sokushicilela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ungakaphenduli ngalolu daba.
UMbatha (esingenalo igama lakhe) ongusihlalo wesigungu esengamele isikole unqabile ukuphawula ngalolu daba wanxusa intatheli ukuthi ifike emhlanganweni ongoLwesithathu.