UMSUNGULI womncintiswano wezindondo zomculo wokholo amaCrown Gospel Music Awards, uZanele LaMbokazi-Nkambule, ukhwele wadilika kwabezinkampani ezizimele angathandanga ukuzidalula, athe azifuni ukuxhasa umcimbi wakhe.
UZanele usho lokhu ekhuluma emcimbini wakhe wokuklomelisa abenze kahle emculweni wokholo kulo mncintiswano obusubuya ihlandla lika15, nobuse-ICC, eThekwini, ngeSonto ebusuku.
“Kuyajabhisa ukuthi izinkampani ezinkulu kazifuni ukuxhasa umcimbi omuhle kangaka ngenxa yenkolelo yokuthi amaCrown Gospel Music Awards wumcimbi oqondene nowenzelwe abantu abakholwayo kuphela.
“Okuthusayo wukuthi le nto abayibuki kanjalo uma sekubheke ngakubona. Kabasho ukuthi masingathengi noma singayeseki imikhiqizo yabo ngoba singamakholwa kodwa uma sesicela usizo kubona bavika ngokuthi umcimbi wethu awunakho okwanele ukuthi bawuxhase.”
Eqhuba, uthe amaCrown akusiwo nje umcimbi wamakholwa kuphela kodwa wumcimbi ohlanganisa lonke uhlobo lomuntu ezinhlanga ezahlukene. Uthe bazishaya isifuba ngokulokhu beyibambile iminyaka ewu-15.
“Lokho kuyakhombisa ukuthi into esiyenzayo yenza umehluko ebantwini nasemacikweni jikelele. Yingakho nje ngifuna ukwedlulisa ukubonga okukhulu kubo bonke abaxhasi bethu abame nathi kusukela siqala lo mbono kuze kuzoba yimanje,” kusho uZanele kubonakala nje ukuthi ujabule ngaphakathi.
Isolezwe lingabanye babaxhasi balo mcimbi.
Uncome nethimba elihlela umcimbi iWorld Gospel Powerhouse. Ubongele nawo wonke amaciko ahlabane ngezindondo emcimbini.
ULinda waseLimpopo uhlabane ngemiklomelo emikhulu yosuku ebivotelwa ngabantu, iBest Artist of The Year neSong of The Year.Emcimbini kunandise uDumi Mkokstad, Rebecca Malope, Cannan Nyathi, Sindi Ntombela, Rofhiwa Manyanga noKhaya Mthethwa obephethe nohlelo lwawo.
Kuphinde kwakhunjulwa wonke amaciko omculo wokholo adlule emhlabeni nonyaka, kwahlonishwa nowabamba iqhaza elikhulu ekusungulweni kwamaCrown uMfundisi Sipho Kaleni - naye ongasekho emhlabeni.
Umcimbi ubusezingeni eliphezulu futhi uhanjelwe yinqwaba yosaziwayo abanjengoLindelani Mkhize, owayeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, Lungelo Hlongwane, Sizwe Mdlalose nomlingisi uNelisiwe Sibiya.