SELIPHENDUKE inkomo edla yodwa ibhungu laseQuarry Heights, eThekwini, osekuphele iminyaka linenkinga yomlomo ‘okhafula indle’ osekuze kwaholela ekutheni liyeke umsebenzi.
USikhumbuzo Mkhize (22) uthi le nkinga yakhe iqale ngo-2015 efunda umatric, uma ekhuluma nezinye izingane esikoleni zibambe amakhala.
Leli phunga uthi linezikhathi lapho limandla khona kakhulu ngaphakathi, azizwe enuka ukubola nendle. Usehlala ephethe isigubhu samanzi ngesandla.
Uma ekhuluma uyawaqhabula ngenhloso yokucindezela iphunga athi livumbuka kakhulu uma eke wabhodla.
Uthi ngendlela okubi ngayo, abantu sebehlale bekhuluma ngaye, ngisho nezingane sezamphendula ihlaya.
“Ngaphasa umatric ngaswela imali yokufunda, ngabhaka amakhekhe okudayisa. Kodwa sengize ngawayeka ngoba abantu abaningi sebeyazi ukuthi ngiyanuka. Umuntu ufika azozibuzisa angathengi ngoba efuna ukuzwa iphunga. Ekhaya baqale bangangikholwa bethi abalizwa.
“Ngaze ngacabanga ukuthi mhlawumbe bangibona njengohlanya. Sengiyile kodokotela angisizakali,” kusho uMkhize.
Uthe impilo inzima njengoba eyeke ukudayisa amakhekhe, ayisekho imali engenayo kubo.
“Ngike ngathola umsebenzi kodwa abantu bebekhombisana ngami. Ngivele ngayeka nakhona. Kulezi zinsuku ngibalekile ngasekhaya ngoba angisazi kumele ngenzenjani. Sengicabanga nezinto ezingalungile ngoba impilo yami inzima,” kusho uMkhize.
Ethintwa unina uNkk Tracy Nsele ukuqinisekisile lokhu wathi sekuphele iminyaka ebhekene nale nkinga.
“Sekuphele iminyaka emithathu ngilele phansi ngigula angikwazi ukuyomzamela usizo. Uyingane ezithandayo nasendlini uyasebenza. Inkinga yileli phunga elingaphakathi kuye. Thina asilizwa kahle ngoba into engaphakathi. Useze wayeka ukudayisa kanti ubesisiza ngemali,” kusho uNkk Nsele.
Ungoti wezempilo uDkt Bongani Nxumalo uthi lesi yisifo esijwayelekile esibizwa ngeHalitosis.
“Isifo esikhona kodwa siyelapheka. Umuntu usuke enenkinga engaphakathi kwabanye kuba ngaphansi kwebele, esithweni sangasese noma iphunga liphume ngeziqu zoboya,” kusho uDkt Nxumalo.
Uthembise ukumsiza uMkhize.