SIYETHEMBISA isimo sikayise kanozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates ongasekho oshaywe yisifo sohlangothi ngeledlule.
UMnuz Sam Meyiwa, uyise kaSenzo, uselulamela ekhaya ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi kanti kuthiwa unezimpawu ezikhombisa ukuthi usengcono.
Okhulumela umndeni, uMnuz Stanley Meyiwa, uthe nakuba esabambekile uMeyiwa kodwa zikhona izimpawu abazibonayo ezikhombisa ukuthi uyelulama.
“Sekuyenzeka akhiphe izinhlamvu ezithile emlonyeni ezama ukukhuluma yize kungakezwakali kahle ukuthi uthini. Siyathemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzogcina esekhuluma into ecacile,” kusho uMeyiwa.
FUNDA:
UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uvakashele uMeyiwa ekhaya wafike mamnikelela ngesihlalo esihamba ngamasondo.
“Ngivakashele uMeyiwa ngemuva kokuthi ecelile ukuthi ngimvakashele. Ngimphathele isihlalo esihamba ngamasondo ngoba ngitholile ukuthi uyasidinga ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi,” kusho uDhlomo.
Uthe uMeyiwa uzwakale egculisekile ngemuva kokuhlala isonto lonke esibhedlela ePrince Mshiyeni.
“Ngenelisekile ngohlelo lokumnakekela olwenziwe odokotela njengoba ezobonana nodokotela esibhedlela eNkosi Albert Luthuli kusasa (namuhla)," kusho uDhlomo izolo.
UMeyiwa ungeniswe esibhedlela ngesonto eledlule ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi isimo sisibi engasakwazi ukuhamba nokukhuluma.