KUBE muncu ezinkundleni zokuxhumana kusabalala umbiko wokuthi sekushone ibhungu laseThekwini elidume ngokucula izingoma zesilomo somculi waphesheya kwezilwandle uR. Kelly.
UThando Mahlalempini obeseqanjwe igama elithi uR. Kelly waseDebheni umndeni wakhe uveze ukuthi akasekho emhlabeni kodwa wangazibeka izizathu.
Usomabhizinisi ohlonishwayo nophinde abengumfundisi uNkk Thandeka Nene ongudadewabo kaThando ukuqinisekisile kuFacebook wakhe ukuthi usedlulile emhlabeni.
UNkk Nene uthe bazohlala bemkhumbula umfowabo.
"Silahlekelwe kakhulu, lala ngokuthula bhuti wami omncane. Sizohlala sikukhumbula," kusho uNkk Nene.
UThando ubesezakhele igama emigwaqeni eminingi emikhulu ebecula kuyo eThekwini okubalwa namarenki amatekisi ahlukene.
Kuzokhumbuleka ukuthi enye yamavideo akhe eyathandwa kakhulu yaze yanconywa uR. Kelly yaqoshelwa ngasemakethe eNanda renki.
UThando Mahlalempini obeseqanjwe igama elithi uR. Kelly waseDebheni kulandela ukusabalala kwale video ezinkundleni zokuxhumana
Ingoma kaR. Kelly ethi Bad Man iyona ebihamba phambili kwizingoma ebehlala eziculela abantu. Ushona nje ubesenawo umucu wakhe othi Oh what a Beautiful Day. Nyakenye leli phephandaba laba nengxoxo ekhethekile naye lapho aveza khona ukuthi ngelinye ilanga uyafisa ukuba umculi osezingeni elifana nse nelesilomo sakhe uR Kelly.