UMHOLI we-MK, uMnuz Jacob Zuma, ufunga ngokuthi basazoqhubeka nokubhincisela nganxanye amanye amaqembu nakulo nyaka owethwese.
UZuma uthe i-MK izoqhubeka lapho igcine khona ngonyaka owedlule.
Ukusho lokhu emyalezweni wakhe wokufisela abakuleli unyaka omusha onezibusiso.
I-MK ifike kwezwakala njengoba yalala isithathu okhethweni lukazwelonke olwalungoMeyi, yahamba phambili ngamavoti esifundazweni iKwaZulu-Natal.
UZuma uthe i-MK yafohla bezama ukuyivimba okhethweni lwanyakenye.
“Sasifisa ukunqoba ukhetho ngamalengiso kodwa akwangenzeka ngenxa yokuthi savinjwa yilabo ababengafuni ukusibona siphumelela. Nakuba bazama ukusivimba, sakwazi ukufika lapho esikhona njengamanje. Yize sinonyaka sifikile, amaqembu amaningi ezwa ngathi.”
Uqhube ngokuthi kuningi abazokwenza kulo nyaka, wabalula kakhulu ukufeza izethembiso abazenza ngaphambi kokhetho.
Uphethe ngokunxusa abantu bakuleli ukuba baqhubeke nokulwela ukuba kufezwe izidingo zabo.