USAYINWE ngaphansi kwemibandela umthethosivivinyo olawula ukusebenza kwezikole iBela Bill ukuthi ube ngumthetho.
UMengameli Cyril Ramaphosa, usayine lo mthetho esidlangaleni yize kunamaqembu amane abephikisana nokusayinwa kwawo.
Lama qembu okuyi-DA, iPatriotic Alliance (PA), i-Al Jama-ah neFreedom Front Plus abengekho emcimbini wokusayinwa kwalo mthetho, kuhlanganisa noNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNkk Siviwe Gwarube, obusezindlini zoMbuso ePitoli.
La maqembu aphikisana nezingxenye ezithile zalo mthetho osekuphele iminyaka eyevile eshumini udingidwa. URamaphosa uthe kunamaqembu akholwa wukuthi kumele kube nezingxenye ezithile ezishintshayo kulo mthetho.
"Kuze kwaba imizuzu yokugcina lama qembu ethi angingasayini kuze kulungiswe lokhu akhala ngakho. Ngathi cha, ngizowusayina umthetho bese nginikeza abakhalayo izinyanga ezintathu zokuthi sibonisane ngabakhala ngakho. Uma kukhona okubambekayo, ngemuva kwezinyanga ezintathu kuzolandelwa indlela efanele. Uma kungekho, okukulo mthetho kuzoqhubeka kulandelwe kunjengoba kunjalo," kusho uRamaphosa
Okuqukethwe yilo mthetho ukuthi uGrade R uzoba yimpoqo, amanye amandla okubalwa ulimi lokufunda ezikoleni kanjalo nokugcwala kwesikole kubekwe enhlokweni yomnyango kuleso sifundazwe, awasezukuba sesigungwini sabazali sokuphathwa kwesikole, iSchool Governing Body (SGB).
Abazali bazobekwa amacala uma kungukuthi banqabela izingane zabo ukuthi ziye esikoleni. Uhlelo lokufundela ekhaya seluzolawulwa uMnyango wezeMfundo kuphinde kube nezinhlelo zokuluhlola ukuthi lwenzeka ngendlela yini.
URamaphosa uthe: "Ziningi izinselelo ezibhekana nabafundi ezizoxazululwa yilo mthetho. Kunabafundi abebenqatshelwa ezikoleni ezithile ngenxa yolimi abalukhulumayo. Abanye bangakwazi ukubhala izivivinyo ngoba bengakhokhanga imali yokufunda. Izinto ezinjengalezo kumele ngabe kade sazilungisa ukuze sinikeze izingane zethu imfundo elinganayo kodwa kungcono ukuba ngemuva kwesikhathi kunokungenzi."
IPhini likaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uDkt Regina Mhaule, uthe lo mthethosivivinyo ufike ePhalamende ngo-2022 ngenhloso yoluthi kulungiswe izinkinga zokufunda.
Unobhala we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula ephawula ngokunikezwa kwamaqembu akhalayo ithuba, uthe akukhona ukuthi i-ANC ivikela uhulumeni wokubambisana iGovernment of National Unity (GNU) kodwa wukwenza izinto ngendlela ehloniphekile yokubambisana.
“IGNU ayisho umshado, uma ukubambisana namaqembu akhona kuphela, akusho ukuthi uhulumeni ngeke ube khona. Zikhona ezinye izihlelo ezingalandelwa”.