UMBUSO uchaze uMphrofethi Paseka “Mboro” Motsoeneng njengomuntu oyingozi, ongumkhohlisi futhi ongakufanele ukudedelwa ngebheyiili ngoba lokho kuzobeka impilo yofakazi neyezingane engcupheni.
UMbuso usho kanje eNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge, ngoMsombuluko, uphikisa isicelo sebheyili esifakwe uMboro nababili aboshwe nabo.
Kungene osukwini lesibili ukulalelwa kwalesicelo sebheyili, lapho uMbuso uthe uMboro unike inkantolo ikheli elingekho, akwaziwa uhlala kuphi nezimpahla anazo.
“Uqambe amanga wathi akabazi ofakazi edukisa inkantolo. Uyabazi ofakazi ababili ugogo wezingane no-anti wazo. Kunencwadi yenkantolo yesikhashana eshoyo ukuthi izingane kumele zihlale koninalume kuze kuphothulwe umdonswano okhona kodwa bona baya esikoleni bayozithumba bephula umthetho wenkantolo,” kusho umshushisi.
UMbuso uthe uMboro uma ededelwa angalibalekela icala ngoba akaziwa uhlala kuphi, unikezele ikheli elingekho.
Bathi ayikho impahla anayo eyaziwayo futhi ukudedelwa kwakhe kungaphazamisa inhlalo enhle yomphakathi.
Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuzoqhubeka emuva kwekhefu lamadina.
UMboro ubelokhe ekhuleke njalo ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili. Ubebuye ahlahle amehlo akhombise ukumangala uma kukhona okushiwo uMbuso ngaye.
Uboshwe nendodana yakhe nomqaphi emuva kwesigameko lapho baya esikoleni basabisa othisha ngocelemba nangesibhamu.
UMboro nonogada wakhe wancishwe ibheyili, bazogqunywa esitokisini kuze kube yinyanga kaMfumfu lapho kuzoqulwa khona leli cala.