UMENGAMELI Cyril Ramaphosa we-ANC uzimisa isibindi ngokhetho lwangonyaka ozayo, ushaya phansi ngonyawo uthi bazobambisana namanye amaqembu ukubumba uhulumeni uma inhlangano yakhe yehluleka ukuthola ukwesekwa okufanele.
Uthe basebenzela ukuwina ngamalengiso njengoba bengadlali.
Ubeke emahlombe ophiko lwentsha i-ANC Youth League, ukuthi luqiniseke ukuthi lusebenza ngamandla lunxenxe intsha ukuthi ibhalisele ukuvota, bese ivotela le nhlangano.
“Abanye bacabanga ukuthi sisebenzela ukubambisana namanye amaqembu emva kokhetho. Sisebenza ukuze sidle umhlanganiso okhethweni. Abangasisabisi ngoba abantu bakuleli bafuna i-ANC.
Siyasebenza kasidlali. Ngikubeka emahlombe ophiko lwentsha ukuthi lusebenze ukuze siwine ukhetho,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma embuthanweni wale nhlangano, wokubuyekeza izethembiso zomqulu wokhetho abazenza bebheke okhethweni lukazwelonke ngo-2019 eSoweto.
Uthe eziningi izethembiso bazifezile, ezinye basazisebenza.
URamaphosa ukhuthazwe nawukuzibophezela kwamadlelandawonye ne-ANC, okuyi-SACP, Cosatu neSanco ukuthi azosebenzisana nale nhlangano ukuwina ukhetho.
“Kuyangikhuthaza ukuthi i-SACP, abasebenzi iCosatu kanjalo nabahlali i-Sanco bazosebenza ne-ANC ukuze iwine ukhetho. I-ANC iyaqina njengoba sekunabaholi ophikweni lwentsha, olwabesifazane kanjalo nolomakadebona.
Lokhu kusenza siqine idolo ukuthi sizowudla umhlanganiso.”
Usho lokhu nje i-SACP ike yasikaza eyokungenela ukhetho iyodwa ngoba ikhala ngezinto ezithile ezenziwa yi-ANC.
AmaKhomanisi abekela le nhlangano imibandela azosebenzisana ne-ANC ngaphansi kwayo njengoba kubhekwe okhethweni.
USihlalo wamaKhomanisi uDkt Blade Nzimande, uthe bayajabula ukuthi i-ANC ibuyele kubantu yayokhuluma nabo, iveze esikwenzile kweyayikuthembisile.
Uthe abathi i-ANC izothola ngaphansi kuka-50% okhethweni, bazama ukuyifaka amanzi emadolweni.
“Asingabanaki labo abathi le nhlangano izokwehlelwa wukwesekwa. Sizohamba nayo i-ANC siye ebantwini siyobachazela ngosekwenziwe.”
URamaphosa uthe babalelwa ku-28 million abantu kuleli asebehola imali yezibonelelo.
“U-18 million wabantu bakuleli uhola izibonelelo. U-10 million wabantu uhola isibonelelo sabantu abangasebenzi esingu-R350 ngenyanga. Sebehlangene abahola izibonelelo kuleli, bangu-28 milion. Kunekhwelo lokuthi siqhubeke isibonelelo sabangasebenzi okuyinto esiyibhekayo.”
Uthe kunezinhlelo zokuqeda inkinga yokucishwa kukagesi njengoba phambili bancane abantu ababewuthola kodwa manje sebebaningi, yingakho kunesidingo sokuthi abantu bawuthole.
“Siyaqhubeka nezinhlelo zokwakha amathuba emisebenzi, ukuxhasa abafunda emanyuvesi nasemakolishi, abafundi abathola ukudla mahhala nsuku zonke ezikoleni.
Siyalwa nenkohlakalo, sizolwa neyokufika kwabantu kuleli abangenazo izimvume namaphepha aqondile. Sizokwandisa amaphoyisa ukulwa nobugebengu nodlame olubhekiswe kwabesifazane.”