UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usekhiphe isexwayiso esishubile kosopolitiki nalabo abazama ukudala uqhekeko nodungunyane ezweni ukuthi izophunza imizamo yabo.
URamaphosa ophefumule kanje ngoLwesithathu ngesikhathi egcotshwa eziNdlini zoMbuso ePitoli, uthe akuphele ukujikijelana ngamazwi kosopolitiki nokungabaza imiphumela yokhetho ngoba abantu bakhulumile.
Uphinde waxwayisa nalabo abazama ukuthi abantu bajikelane bodwa ukuthi nabo ngeke baphumelele.
Uveze ukuthi izwe libumbene futhi ungumengameli kawonke wonke.
“Kumele siyichithe yonke imizamo yabahlela ukusikhipha endleleni esihlele ukuyihamba ngokuthi bafake ungabazane noma bafune sijikelane sodwa. Abafuna ukuma endleleni yethu ngokuthi bafake uqhekeko bagxeke nemiphumela yokhetho ngeke baphumelele,” kusho uRamaphosa.
Noma engazange abadalule laba abazama ukudala uqhekeko nokungabaza imiphumela yokhetho kodwa kucacele noma ngubani ukuthi ubekhuluma ngeqembu uMkhonto weSizwe eliholwa owayengumengameli wezwe ne-ANC, uJacob Zuma.
I-MK ingabaza imiphumela yokhetho kanti yaduba nokuya ePhalamende ngesikhathi kukhethwa uMengameli noSomlomo wePhalamende.
Leli qembu lidube nokuhambela umcimbi wokugcotshwa kukaRamaphosa ihlandla lesibili. Liye naseNkantolo yezoKhetho lichitha imiphumela yokhetho.
URamaphosa uthe abantu bakuleli bayakwazi abakufunayo.
“Ngiwumengameli wawonke wonke, hhayi idlanzana. Abantu bakhulumile, sibazwile, senza lokhu abakufunayo. Alikho iqembu eliwine ngamalengiso okhethweni, yingakho abavoti bethe asisebenzisane ukubumba uhulumeni,” usho kanje.
Uveze ukuthi babumbe uhulumeni ohlanganisa amaqembu ahlukene.
“Sizoba nokhukhulelangoqo womhlangano ozohlanganisa zonke izinhlaka zomphakathi, amaqembu ahlukene ezepolitiki, abezenkolo ukuhlahla indlela ngekusasa lezwe. Kumele sisebenzisane ukulungisa izinselelo ezibhekene nezwe.”
Uveze ukuthi bazosebenza nawo wonke amaqembu, ngeke bakhethe iphela emasini.
“Izandla zivuliwe zokuthi sisebenze nawo wonke umuntu. Siyabanxenxa nabangakasondeli ukuthi beze ukuze sisebenzisane ukuyisa izwe phambili,” kusho yena.
Ubalule ukuthi abantu bakhathele yinkohlakalo, izinga eliphezulu lobugebengu, ukulawulwa koMbuso yidlanzana, ukwebiwa kwemali yomphakathi kanti bazibekile izinto abafuna ukuthi zilungiswe ngokushesha ezweni.
“Akubekwe abantu bakuleli phambili. Akukhuliswe umnotho, kwakhiwe amathuba emisebenzi, abantu baphephe siphinde sisebenzele abantu. Mina ngizimisele ukusebenzela umphakathi.”
Uthe abantu bakuleli bayemukele imiphumela yokhetho.
URamaphosa ufungiswe yinhloko yamaJaji kuleli, iJaji uRaymond Zondo, phambi kwezinkumbi zezicukuthwane, kuhlanganisa nomengameli bakwamanye amazwe.