I-ANC esifundazweni iMpumalanga inxuse ukuba uMengameli wayo, uMnuz Cyril Ramaphosa, angenele umbango wokuyihola uma sekukhethwa ubuholi obusha benhlangano ngoDisemba.
Izolo, uRamaphosa ubehambele eMpumalanga, lapho ebeyokhuluma khona namagatsha e-ANC ngemiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka owedlule. Ohola ithimba lesikhashana elihola i-ANC esifundazweni, uMnuz Mandla Ndlovu, uzwakalise ukuweseka umbono wokuthi uRamaphosa aphinde akhethwe njengomengameli we-ANC.
UNdlovu ungomunye wabagaqele ukuholwa i-ANC eMpumalanga uma sekukhethwa ubuholi balesi sifundazwe, ngempelasonto. Kulindeleke ukuthi umbango ube phakathi kwakhe, uNdunankulu waseMpumalanga, uNkk Refilwe Mtsweni-Tsipane noMnuz Lucky Ndinisa. UNdlovu ubekade ebambe njengosihlalo we-ANC eMpumalanga ngaphambi kokuthi kuhlakazwe ubuholi besifundazwe ngesonto eledlule.
Izolo, uNdlovu uzwakalise ukubethemba ubuholi bukaRamaphosa. Yize ethe akafuni ukusebenzisa umcimbi wayizolo ukukhankasela uRamaphosa ukuba akhethwe ihlandla lesibili, uNdlovu unxenxe umengameli ukuthi aphinde awungenele umbango wokuhola i-ANC.
“Uma kukhona amagatsha e-ANC akunxenxa ukuba uhole i-ANC ihlandla lesibili, ngiyakucela ukuba unganqabi. Ngicela uvume uma amagatsha ekucela ukuba uphinde uhole i-ANC.”
Ukusho lokhu ngesikhathi amukela abebehambele umcimbi wayizolo. Zivele zikhona izifundazwe okubalwa kuzo iLimpopo neGauteng, esezizwakalise ukweseka umbono wokuthi uRamaphosa aphathe ihlandla lesibili.
UNdlovu uthe bayabethemba kakhulu ubuholi bukaRamaphosa, wathembisa nokuthi bazohlala bemeseka njalo.
“Sijabule kakhulu ukuthi usivakashele namhlanje esifundazweni. Izinhlaka ze-ANC zijabule kakhulu ngobuholi bakho. I-ANC isezandleni eziphephile la kuwe. Sithanda ukukunxusa ukuthi uqhubeke nomsebenzi wakho. Ekwenzeni umsebenzi wakho, ungasabi ngoba sizohlezi sikweseka.’’
Akucaci ukuthi izogcina iqhubekile yini ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe ngempelasonto. Lokhu kungenxa yokuthi kukhona amalungu ale nhlangano asabisa ngokuya enkantolo, ayovimba ukuhlala kwengqungquthela. La malungu akhala ngokuthi akuzange kulandelwe imithetho ngesikhathi kulungiselelwa ingqungquthela.
Amalungu angeneme abe nombhikisho ngaphandle kwendawo obekubanjelwe kuyo umcimbi. I-ANC eMpumalanga ilokhu yagcina ukuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi ngo-2015, lapho kwakhethwa kuyo, uMnuz David Mabuza, njengosihlalo.